Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AbAhluleli 12 - IsiZulu 2020


UJeftha Ulwa Nabakwa-Efrayimi

1 Amadoda akwa-Efrayimi abizwa ukuba ahlome, ase ewelela eZafoni, athi kuJeftha: “Uweleleni wayokulwa nabakwa-Amoni, wangasibiza thina ukuba sihambe nawe, na? Sizoyithungela ngomlilo indlu yakho, iwele phezu kwakho.”

2 UJeftha wathi kubo: “Mina nabantu bakithi sasilwa nabakwa-Amoni ababesicindezele kakhulu, kodwa lapho nginibiza anizange ningikhulule esandleni sabo.

3 Lapho ngibona ukuthi aningihlenganga, ngabeka impilo yami engcupheni, ngawela ngayolwa nabakwa-Amoni, uSimakade wabanikela esandleni sami. Yini-ke enenze manje nikhuphukele kimi namuhla, ukuzokulwa nami, na?”

4 UJeftha wayeseqoqa wonke amadoda akwaGileyadi, walwa nabakwa-Efrayimi; amadoda akwaGileyadi abehlula abakwa-Efrayimi, ngokuba bathi: “Ningabakhoselayo bakwa-Efrayimi nina bakwaGileyadi, niphume phakathi kwabakwa-Efrayimi nabakwaManase.”

5 AbakwaGileyadi badla amazibuko eJordani phambi kwabakwa-Efrayimi. Kwakuthi okhoselayo wakwa-Efrayimi uma ethi: “Mangiwele,” abantu abakwaGileyadi bathi: “Ungowakwa-Efrayimi, na?” Uma ethi: “Qha,”

6 bese bethi kuye: yithi: “Shibholethi,” uma ethi: “Sibholethi,” ngoba engakwazi ukulibiza ngokufanele leli gama, bambambe, bambulalele emazibukweni eJordani. Kwafa ngaleso sikhathi abakwa-Efrayimi abayizi-42 000.


Ukufa KukaJeftha

7 UJeftha wehlulela u-Israyeli iminyaka eyisithupha. UJeftha, umGileyadi, wayesefa wangcwatshwa emzini kwaGileyadi.


U-Ibizani Wehlulela U-Israyeli

8 Emva kukaJeftha kwalandela u-Ibizani waseBhethlehema ukwehlulela u-Israyeli.

9 Wayenamadodana angama-30. Amadodakazi angama-30 wawaganisa ngaphandle kwesizwe sakhe, wathathela amadodana akhe izintombi ezingama-30 ngaphandle kwesizwe sakhe. Wehlulela u-Israyeli iminyaka eyisikhombisa.

10 U-Ibizani wafa, wangcwatshwa eBhethlehema.


U-Eloni Wehlulela U-Israyeli

11 Emva kuka-Ibizani, u-Eloni umZebuloni, waba ngumehluleli kwa-Israyeli, wehlulela u-Israyeli iminyaka elishumi.

12 U-Eloni umZebuloni wafa, wangcwatshwa e-Ayijaloni, lakwaZebuloni.


U-Abhidoni Wehlulela U-Israyeli

13 Emva kuka-Eloni, u-Abhidoni, indodana kaHileli umPhirathoni, wehlulela u-Israyeli.

14 Wayenamadodana angama-40, nabazukulu abangama-30 ababegibela izimbongolo ezingama-70; wehlulela u-Israyeli iminyaka eyisishiyagalombili.

15 U-Abhidoni, indodana kaHileli umPhirathoni, wafa, wangcwatshwa ePhirathoni, ezweni lakwa-Efrayimi kwelezintaba lama-Amaleki.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan