AbAhluleli 10 - IsiZulu 2020UThola Wehlulela U-Israyeli 1 Emva kuka-Abhimelekhi kwavela uThola, indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakhare ukuba akhulule u-Israyeli, owayehlala eShamiri kwelezintaba kwa-Efrayimi. 2 Wehlulela u-Israyeli iminyaka engama-23. Wayesefa, wangcwatshwa eShamiri. UJayiri Wehlulela U-Israyeli 3 Emva kwakhe kwalandela uJayiri, umGileyadi, wehlulela u-Israyeli iminyaka engama-22. 4 Wayenamadodana angama-30 ayegibela izimbongolo ezingama-30, enemizi engama-30 kwaGileyadi elibizwa ngokuthi yiHavothi Jayiri kuze kube namuhla. 5 UJayiri wafa, wangcwatshwa eKhamoni. Ukona Kwabakwa-Israyeli Nolaka LukaSimakade 6 Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali no-Ashitharothi, onkulunkulu bama-Aramu, nonkulunkulu bamaSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu bama-Amoni, nonkulunkulu bamaFilisti. Bamshiya kanjalo uSimakade, ababe besamkhonza. 7 Ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni samaFilisti, nasesandleni sabakwa-Amoni, 8 babahlukumeza, babacindezela abantu bakwa-Israyeli ngalowo nyaka. Kwaphela iminyaka eli-18 bebacindezele bonke abantu bakwa-Israyeli ababehlala phesheya kweJordani, ezweni lama-Amori, kwaGileyadi. 9 Abakwa-Amoni bawela iJordani ukuyolwa noJuda, noBhenjamini, nabendlu ka-Efrayimi, u-Israyeli wakhathazeka kakhulu. 10 Abakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sayokhonza oBhali.” 11 USimakade wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Anginihlenganga yini kwabaseGibhithe, nabakwa-Amori, nabakwa-Amoni, nakumaFilisti, na? 12 AmaSidoni, ama-Amaleki, nabakwaMahoni banicindezela, nakhala kimi, nganikhulula esandleni sabo. 13 Nokho ningishiyile, nayokhonza abanye onkulunkulu, ngakho-ke angisayukubuye nginikhulule. 14 Hambani niyokhala konkulunkulu enizikhethele bona; mabanikhulule ngezikhathi zobunzima benu.” 15 Abakwa-Israyeli bathi kuSimakade: “Sonile; yenza kithi noma yini obona ukuthi kufanele uyenze, kodwa sikhulule namhlanje.” 16 Base besusa onkulunkulu babezizwe ababephakathi kwabo, bakhonza uSimakade; akakwazanga ukukubekezelela ukubona u-Israyeli ehlupheka. 17 Kwase kubizwa abakwa-Amoni ukuba bahlome, bakanise kwaGileyadi; abakwa-Israyeli bahlangana, bakanisa eMizpha. 18 Abakhuzi bempi yakwaGileyadi bathi omunye komunye: “Ngubani ozoqala impi nabakwa-Amoni, na? Uyokuba yinhloko phezu kwazo zonke izakhamuzi zakwaGileyadi.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa