2 Samuweli 24 - IsiZulu 2020UDavide Ubala U-Israyeli NoJuda 1 Intukuthelo kaSimakade yabuye yamvuthela u-Israyeli. Wamvusa uDavide ukuba amelane naye, ngokuthi kuye: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.” 2 Inkosi yathi kuJowabe, umkhuzi wempi, owayenaye: “Hamba uye kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba; nibale abantu ukuze ngazi ukuthi bangaki.” 3 UJowabe wathi enkosini: “USimakade uNkulunkulu wakho angenezela kubantu kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho, ikubone lokho ngamehlo inkosi yami, inkosi, isakwazi ukubona. Kodwa kungani inkosi yami, inkosi ifuna ukwenza lokhu na?” 4 Nokho-ke inkosi yayikhulume yaqokothisa kuJowabe, umkhuzi wempi, ngakho-ke laphumelela izwi layo. UJowabe nezikhulu zempi baphuma phambi kwenkosi, bahamba bayobala abantu bakwa-Israyeli. 5 Bawela iJordani, bakanisa e-Aroweri ngakwesokunene somuzi ophakathi nomhosha wakwaGadi, ngaseJazeri. 6 Bafika kwaGileyadi, naseThahethimi Hodeshi, bedlulela kwaDani Jahani. Basuka lapho baya naseSidoni, 7 baze bayofika enqabeni eseThire, nakuyo yonke imizi yamaHivi namaKhanani. Baphuma lapho balibangisa ngaseningizimu yakwaJuda, eBheri Sheba. 8 Sebelihambe lonke izwe, baze bafika eJerusalema sekuphele izinyanga eziyisishiyagalolunye nezinsuku ezingama-20. 9 UJowabe walethula enkosini inani nomumo wabantu ababebaliwe: kwa-Israyeli kwakunamadoda ayizi-800 000 anamandla ayehlome ngenkemba. KwaJuda kunamadoda ayizi-500 000. USimakade Uthumela Ubhubhane Kwa-Israyeli 10 UDavide wahlabeka enhliziyweni emveni kokuba esebabalile abantu, wathi kuSimakade: “Ngonile kakhulu ngalokhu engikwenzileyo. Kepha manje, Simakade, siza uthethelele isiphambeko esenziwe yinceku yakho, ngokuba yenze ubuwula obukhulu.” 11 Lapho uDavide evuka ekuseni, kwafika izwi likaSimakade kumphrofethi uGadi, umboni kaDavide, lathi: 12 “Hamba ukhulume kuDavide, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Ngikubekela izinto ezintathu, khetha ibe yinye phakathi kwazo, ukuba ngikwenzele yona.” ’ ” 13 UGadi wafika kuDavide wambikela, wathi kuye: “Izofika yini kuwe: iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma izinyanga ezintathu ubaleka ezitheni eziyobe zilokhu zikuxoshile, noma izinsuku ezintathu zobhubhane ezweni lakini na? Manje-ke, cabangisisisa, unqume ukuthi mpendulo yini engizokuyibuyisela kongithumileyo.” 14 UDavide wayesethi kuGadi: “Nginosizi kakhulu; kungcono siwele esandleni sikaSimakade, ngokuba umusa wakhe mkhulu. Kepha mangingaweli neze esandleni somuntu.” 15 USimakade wayesethumela ubhubhane kwa-Israyeli kusukela ekuseni kwaze kwaba yisikhathi esinqunyiweyo. Kwafa abantu abayizi-70 000 kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba. 16 Lapho ingelosi yelula isandla sayo ukuba ibhubhise iJerusalema, uSimakade wazisola ngalobo bubi, wayimisa ingelosi eyayibhubhisa abantu, wathi: “Sekwanele.” Ingelosi kaSimakade yayisesibuyeni sika-Arawuna, umJebusi. 17 Lapho uDavide eyibona ingelosi eyayibulala abantu, wathi kuSimakade: “Bheka, yimi engonile, ngenza okubi, kodwa lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa.” UDavide Wakhela USimakade I-althare Esibuyeni 18 UGadi wafika kuDavide ngalolo lusuku, wathi: “Yenyuka wakhele uSimakade i-althare esibuyeni sika-Arawuna umJebusi.” 19 UDavide wenyuka njengokusho kukaGadi nanjengokuyala kukaSimakade. 20 U-Arawuna walunguza, wabona inkosi nezinceku zayo beza kuye; waphuma, wayikhothamela inkosi, wayesethi mbo ngobuso emhlabathini. 21 Wathi u-Arawuna: “Kungani ukuba inkosi yami, inkosi, ize encekwini yayo na?” UDavide wathi: “Ngize ukuzothenga kuwe isibuya, khona ngizokwakhela uSimakade i-althare, ukuze lolu bhubhane lunqamuke kubantu.” 22 U-Arawuna wayesethi kuDavide: “Inkosi yami, inkosi, mayisithathe, inikele ngalokho ekubona kukuhle emehlweni ayo. Bheka, nazi izinkabi zomnikelo wokushiswa, izibhulo, namajoka ezinkabi kungaba yizinkuni. 23 Konke nkosi, u-Arawuna ukunika inkosi.” U-Arawuna wabuye wathi enkosini: “USimakade uNkulunkulu wakho makakwamukele.” 24 Inkosi yathi ku-Arawuna: “Qha, kumele ngikuthenge nokukuthenga, ngikukhokhele inani elithile. Angiyukunikela kuSimakade uNkulunkulu wami ngeminikelo yokushiswa engeyesihle.” UDavide wayesethenga isibuya nezinkabi ngamashekeli esiliva angama-50. 25 UDavide wamakhela lapho uSimakade i-althare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. USimakade wakuzwa ukunxusa kwakhe, enxusela izwe, ubhubhane lwanqamuka kwa-Israyeli. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa