2 Samuweli 16 - IsiZulu 2020UDavide Uhlangatshezwa NguZiba 1 Kwathi uDavide esedlule ibangana nje esicongweni sentaba, wahlangatshezwa nguZiba, inceku kaMefibhoshethi, nezimbongolo ezimbili ezaziboshelwe, zithwele izinkwa ezingama-200, izigaxa eziyikhulu zamagilebhisi omisiwe, izigaxa eziyikhulu zezithelo zasehlobo, nemvaba yewayini. 2 Inkosi yathi kuZiba: “Ziyini lezi zinto na?” UZiba wathi: “Izimbongolo ngezokugibelisa abendlu yenkosi. Izinkwa nezithelo ngezokudliwa, kuthi iwayini liphuzwe yilabo asebeyethiswe ukuba sehlane.” 3 Inkosi yayisithi: “Iphi indodana yenkosi yakho?” UZiba wathi enkosini: “Ihleli eJerusalema ngokuba yathi: ‘Namuhla indlu ka-Israyeli izowubuyisela kimi umbuso kababa.’ ” 4 Inkosi yathi kuZiba: “Uyabona-ke, konke obekungokukaMefibhoshethi sekungokwakho.” UZiba wayesethi: “Ngiyakhuleka ukuba ngifumane umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi.” UShimeyi Wehla Enyuka Ethuka UDavide 5 Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBhahurimi, kwaphuma omunye wabomndeni wendlu yenkosi uSawule, igama lakhe kunguShimeyi, indodana kaGera; wayehla enyuka ethuka inkosi. 6 Wamjikijela ngamatshe uDavide nezinceku zakhe zonke, nabo bonke abantu eyayihamba nabo inkosi, wonke amaqhawe ayemhaqile ngakwesokunene nangakwesokhohlo sakhe. 7 UShimeyi wathi lapho ethuka uDavide: “Suka, suka wena muntu wegazi, muntu ongelutho! 8 USimakade ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe. USimakade uwunikele umbuso esandleni sendodana yakho u-Absalomu. Nakhu lapha ukhona, ubhajwe ebubini bakho, ngokuba ungumuntu wegazi.” 9 U-Abhishayi, indodana kaZeruya, wayesethi enkosini: “Le nja efileyo iyithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye kuyo ngiyinqume ikhanda.” 10 Yathi inkosi: “Ngihlangene ngani mina nani, madodana kaZeruya? Uma engithuka, ngoba kusho uSimakade kuye wathi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongathi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ” 11 UDavide wayesethi ku-Abhishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani-ke lo mBhenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba nguSimakade omthumile. 12 Mhlawumbe uSimakade uzolubona usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka kwakhe namuhla.” 13 UDavide nabantu bakhe baqhubeka nendlela; uShimeyi wagudla intaba elinganisene nabo, ehamba ebathuka, ebajikijela ngamatshe, futhi ebathela ngomhlabathi. UHushayi Uqinisekisa U-Absalomu 14 Inkosi, nabo bonke abantu eyayihamba nabo, bafika eJordani bekhathele; yafike yathi gozololo lapho, yahlumeleleka. 15 U-Absalomu nabo bonke abantu, amadoda akwa-Israyeli, bafika eJerusalema, u-Ahithofeli wayenabo. 16 Kwathi nje lapho uHushayi, umArikhi, umngani kaDavide, efika ku-Absalomu, wathi kuye: “Mana njalo, nkosi; mana njalo, nkosi.” 17 U-Absalomu wayesethi kuHushayi: “Lokhu kungukwethembeka kwakho kumngani wakho, na? Awuhambanga ngani nomngani wakho, na?” 18 Wayesethi uHushayi ku-Absalomu: “Qha, lowo okhethwe nguSimakade, nayilaba bantu, abantu bonke bakwa-Israyeli ngiyakuba ngowakhe, ngihlale naye. 19 Ngiyakukhonza bani uma ngingekhonze indodana yakhe, na? Njengalokhu ngamsebenzela uyihlo, ngizokwenza kanjalo nakuwe.” U-Ahithofeli Weluleka U-Absalomu Okokuqala 20 Wayesethi u-Absalomu ku-Ahithofeli: “Sinike iseluleko sakho, senzenjani, na?” 21 Wathi-ke u-Ahithofeli ku-Absalomu: “Hamba ulale nezancinza zikayihlo, lezo azishiyile ukuba zinakekele isigodlo; u-Israyeli wonke uyakuzwa ukuthi unengwa kangakanani nguyihlo, bese ziyaqina izandla zabo bonke abanawe.” 22 U-Absalomu bammisela ithende ophahleni lwendlu. U-Absalomu walala nazo zonke izancinza zikayise phambi kuka-Israyeli wonke. 23 Konke u-Ahithofeli ayeluleka ngakho kulezo zinsuku, kwakungathi kubuzwe kuNkulunkulu, ngakho-ke iseluleko sika-Ahithofeli sasihlonishwa nguDavide, kanjalo no-Absalomu. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa