2 Samuweli 10 - IsiZulu 2020Abakwa-Amoni Behlisa Isithunzi Izinceku ZikaDavide 1 Kwathi emveni kwalokho inkosi yabakwa-Amoni yafa, uHanuni, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sayo. 2 UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni, indodana kaNahashi, njengoba uyise angenzela ububele.” UDavide wathumela izinceku zakhe ukuba ziyomduduza ngoyise. Izinceku zikaDavide zafika kwa-Amoni. 3 Kepha abaholi babantu bakwa-Amoni bathi kuHanuni, inkosi yabo: “Uma ubheka, ucabanga ukuthi uDavide uthumele abazokududuza ngoba ehlonipha uyihlo na? Akungakho yini ukuba izinceku zakhe zizohlola umuzi, bese ziwubhubhisa na?” 4 UHanuni wazibamba izinceku zikaDavide, wazigunda ingxenye yezilevu zazo, wahhephuna izingubo zazo kwaze kwaba sezinqeni, wayesezikhomba indlela. 5 Kwathi lapho bembikela uDavide ngalokho, wathumela ukuba zihlangatshezwe, ngokuba lawo madoda ayehliswe isithunzi kakhulu. Yathi inkosi: “Hlalani eJerikho, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.” 6 Abakwa-Amoni babona ukuthi bazenze isinengiso kuDavide, base bethumela, baqasha ama-Aramu aseBhethi Rehobhe nama-Aramu aseZobha, imigundatshani eyizi-20 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abayinkulungwane, namadoda aseThobhi ayizi-12 000. 7 UDavide esekuzwile lokho wathumela uJowabe nawo wonke amabutho ayengamaqhawe. 8 Abakwa-Amoni baphuma, bahlela impi esikhaleni sesango; ama-Aramu aseZobha naseRehobhe, namadoda aseThobhi, nawaseMahakha babebodwa endle. 9 UJowabe wabona ukuthi izimpondo zempi zimzungeze nxazonke, wakhetha amabutho kuwo wonke ayekhethwe kwa-Israyeli, wawathuma ukuba ayokulwa nama-Aramu. 10 Amabutho aseleyo wawashiya esandleni sika-Abhishayi, umfowabo, wawathuma ukuba ayokulwa nabakwa-Amoni. 11 UJowabe wathi ku-Abhishayi: “Uma ama-Aramu enamandla kunami, uyoza uzongisiza, kanjalo uma abakwa-Amoni benamandla kunawe, ngizofika ngizokusiza. 12 Qina, masisebenzise amandla ethu ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uSimakade makenze okuhle emehlweni akhe.” 13 UJowabe nabantu ababenaye basondela ukuba balwe nama-Aramu, kodwa abaleka. 14 Lapho abakwa-Amoni bebona ukuthi ama-Aramu abalekile, nabo babaleka phambi kuka-Abhishayi, bangena emzini. UJowabe wabuya kwa-Amoni, waya eJerusalema. 15 Abase-Aramu lapho bebona ukuthi banqotshiwe ngu-Israyeli, babuthana ndawonye. 16 UHadadezeri wayesethumela, wawabiza ama-Aramu ayengaphesheya komfula; afika eHelamu eholwa nguShobhakhi, umkhuzi wempi kaHadadezeri. 17 Kwathi uDavide angabikelwa ngalokho, wayeseqoqa wonke u-Israyeli, wawela iJordani, waya eHelamu. Ama-Aramu athumela impi ukuze abhekane noDavide, alwe naye. 18 Ama-Aramu abaleka phambi kukaDavide, wabulala ama-Aramu angama-700 ayegibele izinqola zempi, nabamahhashi abayizi-40 000. UShobhakhi, umkhuzi wempi yawo, bamshaya, wafela khona lapho. 19 Wonke amakhosi ayeyizinceku zikaHadadezeri, lapho ebona ukuthi u-Israyeli uwanqobile, enza isivumelwano soxolo no-Israyeli, akhonza phansi kuka-Israyeli. Ama-Aramu esaba ukubuye abasize futhi abantu bakwa-Amoni. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa