1 Samuweli 29 - IsiZulu 2020Abakhuzi Bempi YamaFilisti Bajuba U-Akhishi Axoshe UDavide 1 AmaFilisti aqoqela wonke amabutho awo e-Afeki; u-Israyeli wayekanise ngasemthonjeni oseJizreyeli. 2 Amakhosi amaFilisti adlula ngamakhulu nangezinkulungwane; uDavide nabantu bakhe babengabokugcina ukudlula no-Akhishi. 3 Base bethi abakhuzi bempi yamaFilisti: “Afunani lawa maHebheru lapha na?” U-Akhishi wathi kubo abakhuzi bempi yamaFilisti: “Akusiye yini uDavide, inceku kaSawule, inkosi yakwa-Israyeli, okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.” 4 Abakhuzi bempi yamaFilisti bamthukuthelela, bathi kuye: “Mbuyisele emuva lowo muntu, makabuyele endaweni yakhe ombeke kuyo, angehli nathi aye empini, funa abe yisitha sethu empini. Yini lo angazincengela ngayo enkosini yakhe uma engezincengele ngamakhanda alawo madoda na? 5 “Lo akusiye yini uDavide ababehlabelela ngaye, besina bethi: “ ‘USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kodwa uDavide izinkulungwane zakhe ezilishumi,’ na?” 6 U-Akhishi wambiza uDavide, wathi kuye: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, wena uqotho; ngikubone kukuhle emehlweni ami ukuba uphume futhi ubuye nami empini, ngokuba angifumananga bubi kuwe kusukela ngosuku owafika ngalo kimi kuze kube namuhla, kodwa amakhosi awakuboni kukuhle ukuba uhambe nathi. 7 Ngakho-ke buyela emuva, uhambe ngokuthula, ungakwenzi okubi phambi kwamakhosi amaFilisti.” 8 UDavide wathi ku-Akhishi: “Kepha ngenzeni na? Utholeni encekwini yakho, kusukela osukwini engafika ngalo kuwe kuze kube namuhla, ukuba ngingaphumi ukuyokulwa nezitha zenkosi yami, inkosi na?” 9 U-Akhishi waphendula, wathi kuDavide: “Ngiyazi ukuthi umuhle emehlweni ami, ufana nengelosi kaNkulunkulu, nokho abakhuzi bempi yamaFilisti bathe: ‘Akayukukhuphuka nathi, aye empini.’ 10 Ngakho-ke vuka ngovivi kusasa, wena nezinceku zenkosi yakho ezifike nawe. Sukani ekuseni kakhulu lapho sekuqala ukukhanya, nihambe.” 11 UDavide nabantu bakhe bavuka ekuseni ngovivi ukuze babuyele ezweni lamaFilisti. AmaFilisti enyukela eJizreyeli. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa