1 Samuweli 27 - IsiZulu 2020UDavide Ubalekela Ku-Akhishi EGathi KwelamaFilisti 1 UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngelinye ilanga uSawule uzongibulala. Akukho engingakwenza, kungcono ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti. USawule uzoyeka ukungifuna esifundeni sonke sakwa-Israyeli, bese ngiphunyuka kanjalo esandleni sakhe.” 2 Wayesesuka uDavide, wawela, yena nabantu abangama-600 ayehamba nabo, waya ku-Akhishi, indodana kaMahokhi, inkosi yaseGathi. 3 UDavide wahlala no-Akhishi eGathi, yena nabantu bakhe, kwaba yilowo nalowo nabendlu yakhe, uDavide nomkakhe ababili, u-Ahinohama waseJizreyeli no-Abhigayili waseKharimeli, umkaNabali. 4 Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekele eGathi; akabe esamfuna futhi. 5 UDavide wathi ku-Akhishi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, mabanginike indawo komunye wemizi ukuba ngihlale khona, ngokuba inceku yakho izakuhlalelani nawe emzini wenkosi na?” 6 U-Akhishi wamnika iZikilagi ngalolo lusuku, ngalokho-ke iZikilagi lingelamakhosi akwaJuda kuze kube namuhla. 7 UDavide wahlala unyaka nezinyanga ezine ezweni lamaFilisti. 8 UDavide nabantu bakhe bakhuphuka, bayohlasela amaGeshuri, amaGirizi, nama-Amaleki, ababehlala eTheleme ngendlela eya eShuri kuya eGibhithe. 9 UDavide walibhubhisa izwe, akaze ashiya muntu ophilayo, owesilisa nowesifazene, wathatha izimvu, izinkabi, izimbongolo, amakameli nezingubo, waya ku-Akhishi. 10 U-Akhishi wambuza, wathi: “Benihlasele kuphi namuhla na?” UDavide waphendula wathi: “Siye eningizimu kwaJuda, eningizimu kwaJerameli, naseningizimu yelamaKheni.” 11 UDavide akashiyanga owesilisa nowesifazane ephila ukuze abayise eGathi, ngoba wathi: “Hleze basicebe, bathi: ‘UDavide wenze lokhu nalokhu. UDavide wenza kanjalo zonke izinsuku ehleli ezweni lamaFilisti.’ ” 12 U-Akhishi wakholwa ngokwakushiwo nguDavide, wathi: “Wenze ukuba abacasukele impela abantu bakubo, abakwa-Israyeli, uzokuba yinceku yami njalo.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa