Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

1 iziKronike 9 - IsiZulu 2020


Ababuya Ekuthunjweni Bahlala EJerusalema

1 U-Israyeli wonke wabhalwa ngezizukulwane zakhe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli. UJuda wathunjelwa eBhabhele ngenxa yeziphambeko zakhe.

2 Abahlala kuqala emizini eyifa labo kwakungu-Israyeli, abaphristi, abaLevi namaNethini.

3 EJerusalema kwakuhlala abakwaJuda, abakwaBhenjamini, nabakwa-Efrayimi, noManase:

4 u-Uthayi ka-Amihudi ka-Omri ka-Imri kaBhani, kwabozalo lukaPherezi kaJuda.

5 KumaShiloni: kwakungu-Asaya, izibulo, namadodana akhe.

6 Kumadodana kaZera: kunguJehuweli nabafowabo, bengama-690.

7 Kumadodana kaBhenjamini: kwakunguSalu kaMeshulamu kaHodaviya kaHasenuwa,

8 u-Ibhineya, indodana kaJerohamu, u-Ela ka-Uzi kaMikhiri, uMeshulamu kaShefathiya kaRehuweli kaJibhiniya,

9 nabafowabo, ngezizukulwane zabo, bengama-956. Bonke laba bantu babeyizinhloko zezindlu zoyise, ngokokhokho babo.


Abaphristi Ababehlala EJerusalema

10 Kubaphristi: kwakunguJedaya, uJehoyaribi, uJakhini,

11 u-Azariya kaHilikiya, kaMeshulamu, kaZadoki, kaMerayothi, ka-Ahithubi, umphathi wendlu kaNkulunkulu.

12 No-Adaya kaJerohamu, kaPhashuri, kaMalikhiya, uMahasayi ka-Adiyeli, kaJahizera, kaMeshulamu, kaMeshilemithi, ka-Imeri,

13 nabafowabo, beyizinhloko zezindlu zokhokho babo, beyi-1 760, amadoda ahlakaniphile emsebenzini wenkonzo endlini kaNkulunkulu.


AbaLevi Ababehlala EJerusalema

14 KubaLevi: kwakunguShemaya kaHashubhi, ka-Azirikamu, kaHashabhiya, kwabozalo lukaMerari.

15 KunguBhakibhakari, uHereshi, uGalali, uMathaniya kaMikha, kaZikhiri, ka-Asafa,

16 u-Obhadiya kaShemaya, kaGalali, kaJeduthuni, uBherekhiya ka-Asa, ka-Elikhana owayehlala emizaneni yamaNethofa.


Abalindisango Ababehlala EJerusalema

17 Abalindisango kwakunguShalumi, u-Akubhi, uThalimoni, u-Ahimani, nabafowabo; uShalumi wayeyinhloko.

18 Kwaze kwaba yileso sikhathi bengabalindi besango lenkosi ngasempumalanga; babengabalindisango benkambu yabozalo lukaLevi.

19 UShalumi kaKhore, ka-Ebhiyasafa, kaKhora, nabafowabo bendlu kayise, amaKhorahi; babephethe umsebenzi wenkonzo, bengabalindi bompheme wethabanakeli. Okhokho babo babengabalindisango benkambu kaSimakade.

20 UFinehasi, indodana ka-Eleyazare owayebengamele ngesikhathi esidlulileyo, uSimakade wayenaye.

21 UZakhariya, indodana kaMeshelemiya wayengumlindisango ethendeni lokuhlangana.

22 Bonke ababekhethwe ukuba babe ngabalindisango babengama-212. Babhalwa ngezizukulwane zabo emizaneni yabo. UDavide noSamuweli, umboni, bababeka ezikhundleni zabo.

23 Bona nabozalo lwabo babephethe amasango endlu kaSimakade, indlu yethende, beyiqapha.

24 Kwakukhona abalindisango ezinhlangothini zozine: ngasempumalanga, entshonalanga, enyakatho, nangaseningizimu.

25 Abafowabo emizaneni yabo babengena njalo emveni kwezinsuku eziyisikhombisa, izikhathi ngezikhathi, ukuba babe nabo.

26 Abalindi abane abakhulu ababengabaLevi babesesikhundleni njalo, bengamele amakamelo nengcebo endlini kaNkulunkulu.

27 Ebusuku babehlala beyizungeza indlu kaNkulunkulu, ngokuba yibona okwakumele bayiqaphe, bayivule futhi ekuseni, imihla ngemihla.

28 Abanye babengamele izitsha zenkonzo, ngokuba zazibalwa zingeniswa, zibalwe zikhishwa.

29 Abanye babo babebheka impahla, izitsha zonke zendlu engcwele: impuphu, iwayini, amafutha, inhlaka namakha.

30 Abanye bamadodana abaphristi babegxoba amakha abe ngamafutha.

31 UMathithiya, omunye wabaLevi, owayeyizibulo likaShalumi, umKhorahi, wayenesikhundla sokubheka ukwenziwa kwamakhekhe ayizicaba okuthiwa amaweyifa emabhodweni.

32 Abanye abafowabo bamadodana amaKhohathi babengamele izinkwa zokubukwa ukuba bazilungise ngawo wonke amasabatha.

33 Abanye abahlabeleli babeyizinhloko zezindlu zoyise zabaLevi, besemakamelweni, bekhululiwe kweminye imisebenzi, ngokuba babesemsebenzini imini nobusuku.

34 Labo babeyizinhloko zezindlu zawoyise babaLevi, izinhloko ezizukulwaneni zabo, babehlala eJerusalema.

35 EGibheyoni kwakuhlala uyise kaGibheyoni, uJehiyeli; igama lomkakhe kunguMahakha,

36 Izibulo lakhe kwakungu-Abhidoni elanywe uZuri, uKhishi, uBhali, uNeri, uNadabi,

37 uGedori, u-Ahiyo, uZakhariya, noMikhilothi.

38 UMakhilothi wazala uShimeyamu. Wahlala nabafowabo eJerusalema.

39 UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala uJonathani, uMalikhi Shuwa, u-Abhinadaba, no-Eshi Bhali.

40 Indodana kaJonathani kwakunguMeribhi Bhali. UMeribhi Bhali wazala uMikha.

41 Amadodana kaMikha: kwakunguPhithoni, uMelekhi, uThareya no-Ahazi.

42 U-Ahazi wazala uJara; uJara wazala u-Alemethi, u-Azimavethi, uZimri; uZimri wazala uMosa;

43 uMosa wazala uBhineya, uRefaya, u-Eleyasa, u-Azeli.

44 U-Azeli wayenamadodana ayisithupha, nanka amagama awo: kwakungu-Azirikamu, uBhokheru, u-Ishmayeli, uShehariya, u-Obhadiya noHanani. Bonke laba kwakungamadodana ka-Azeli.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan