1 iziKronike 8 - IsiZulu 2020Izizukulwane ZikaBhenjamini 1 UBhenjamini wazibula ngoBhela, welanywa ngu-Ashibheli, owesithathu kwaba ngu-Ahara, 2 owesine kwaba nguNoha, owesihlanu kwaba nguRafa. 3 Amadodana kaBhela: kwakungu-Adari, uGera, u-Abhihudi, 4 u-Abhishuwa, uNahamani, u-Ahowa, 5 uGera, uShefufani noHuramu. 6 Nanka amadodana ka-Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zezakhamuzi zaseGebha, ezathunjelwa eManahathi, 7 zayiswa ekuthunjweni: nguNahamani, u-Ahiya, uGera owayezala u-Uza no-Ahihudi. 8 UShaharayimi wazala abantwana kwaMowabi, esebahambisile omkakhe uHushimi noBhahara. 9 Wazala amadodana kuHodeshi, umkakhe; kwakunguJobhabhi, uSibiya, uMesha, uMalikhamu, 10 uJewuze, uShakhiya, noMirima. Laba kwakungamadodana akhe, izinhloko zezindlu zawoyise. 11 Wazala kuHushimi u-Abhithubhi no-Eliphahali. 12 Amadodana ka-Eliphahali: kwakungu-Ebhere, uMishamu, noShemedi; yiwona akha i-Ono, neLodi, nemizana yakhona; 13 uBheriya, noShema babeyizinhloko zezindlu zawoyise, zezakhamuzi zase-Ajaloni, ezaxosha ababakhe eGathi. 14 U-Ahiyo, uShashakhi, uJeremothi, 15 uZebadiya, u-Aradi, u-Edere, 16 uMikhayeli, uJishipha, uJoha, kwakungamadodana kaBheriya. 17 UZebadiya, uMeshulamu, uHiziki, uHebhere, 18 u-Ishmerayi, uJiziliya, uJobhabhi, kwakungamadodana ka-Eliphahali. 19 UJakimi, uZikhiri, uZabhidi, 20 u-Eliyenayi, uZilethayi, u-Eliyeli, 21 u-Adaya, uBheraya, uShimrathi, kungamadodana kaShimeyi. 22 UJishiphani, u-Ebhere, u-Eliyeli, 23 u-Abhidoni, uZikhiri, uHanani, 24 uHananiya, u-Elamu, u-Anithothiya, 25 u-Ifideya, uPhenuweli, kwakungamadodana kaShashaki. 26 UShamusherayi, uShehariya, u-Athaliya, 27 uJahareshiya, u-Eliya, noZikhiri, kungamadodana kaJerohamu. 28 Laba babeyizinhloko zezindlu zawoyise, beyizinhloko ngokwezizukulwane zabo; babehlala eJerusalema. 29 EGibheyoni kwakuhlala uyise kaGibheyoni, igama lomkakhe kunguMahakha. 30 Izibulo lakhe kwakungu-Abhidoni elanywe uZuri, uKhishi, uBhali, uNadabhi, 31 uGedori, u-Ahiyo noZekheri. 32 UMakhilothi wazala uShimeya. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema. 33 UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala uJonathani, uMalikhi Shuwa, u-Abhinadaba no-Eshi Bhali. 34 Indodana kaJonathani kwakunguMeribhi Bhali. UMeribhi Bhali wazala uMikha. 35 Amadodana kaMikha: kwakunguPhithoni, uMelekhi, uThareya no-Ahazi. 36 U-Ahazi wazala uJehohada; uJehohada wazala u-Alemethi, u-Azimavethi, uZimri; uZimri wazala uMosa; 37 uMosa wazala uBhineya, uRafa, u-Eleyasa, u-Azeli. 38 U-Azeli wayenamadodana ayisithupha, nanka amagama awo: kwakungu-Azirikamu, uBhokheru, u-Ishmayeli, uShehariya, u-Obhadiya noHanani. Bonke laba kwakungamadodana ka-Azeli. 39 Amadodana ka-Esheki umfowabo: izibulo kwakungu-Ulamu, owesibili kunguJewushe, owesithathu kungu-Elifelethi. 40 Amadodana ka-Ulamu ayengamaqhawe anamandla, ansala umnsalo; ayenamadodana amaningi, namadodana amadodana amaningi, eyi-150. Laba babengabozalo lukaBhenjamini. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa