Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

1 iziKronike 8 - IsiZulu 2020


Izizukulwane ZikaBhenjamini

1 UBhenjamini wazibula ngoBhela, welanywa ngu-Ashibheli, owesithathu kwaba ngu-Ahara,

2 owesine kwaba nguNoha, owesihlanu kwaba nguRafa.

3 Amadodana kaBhela: kwakungu-Adari, uGera, u-Abhihudi,

4 u-Abhishuwa, uNahamani, u-Ahowa,

5 uGera, uShefufani noHuramu.

6 Nanka amadodana ka-Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zezakhamuzi zaseGebha, ezathunjelwa eManahathi,

7 zayiswa ekuthunjweni: nguNahamani, u-Ahiya, uGera owayezala u-Uza no-Ahihudi.

8 UShaharayimi wazala abantwana kwaMowabi, esebahambisile omkakhe uHushimi noBhahara.

9 Wazala amadodana kuHodeshi, umkakhe; kwakunguJobhabhi, uSibiya, uMesha, uMalikhamu,

10 uJewuze, uShakhiya, noMirima. Laba kwakungamadodana akhe, izinhloko zezindlu zawoyise.

11 Wazala kuHushimi u-Abhithubhi no-Eliphahali.

12 Amadodana ka-Eliphahali: kwakungu-Ebhere, uMishamu, noShemedi; yiwona akha i-Ono, neLodi, nemizana yakhona;

13 uBheriya, noShema babeyizinhloko zezindlu zawoyise, zezakhamuzi zase-Ajaloni, ezaxosha ababakhe eGathi.

14 U-Ahiyo, uShashakhi, uJeremothi,

15 uZebadiya, u-Aradi, u-Edere,

16 uMikhayeli, uJishipha, uJoha, kwakungamadodana kaBheriya.

17 UZebadiya, uMeshulamu, uHiziki, uHebhere,

18 u-Ishmerayi, uJiziliya, uJobhabhi, kwakungamadodana ka-Eliphahali.

19 UJakimi, uZikhiri, uZabhidi,

20 u-Eliyenayi, uZilethayi, u-Eliyeli,

21 u-Adaya, uBheraya, uShimrathi, kungamadodana kaShimeyi.

22 UJishiphani, u-Ebhere, u-Eliyeli,

23 u-Abhidoni, uZikhiri, uHanani,

24 uHananiya, u-Elamu, u-Anithothiya,

25 u-Ifideya, uPhenuweli, kwakungamadodana kaShashaki.

26 UShamusherayi, uShehariya, u-Athaliya,

27 uJahareshiya, u-Eliya, noZikhiri, kungamadodana kaJerohamu.

28 Laba babeyizinhloko zezindlu zawoyise, beyizinhloko ngokwezizukulwane zabo; babehlala eJerusalema.

29 EGibheyoni kwakuhlala uyise kaGibheyoni, igama lomkakhe kunguMahakha.

30 Izibulo lakhe kwakungu-Abhidoni elanywe uZuri, uKhishi, uBhali, uNadabhi,

31 uGedori, u-Ahiyo noZekheri.

32 UMakhilothi wazala uShimeya. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema.

33 UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala uJonathani, uMalikhi Shuwa, u-Abhinadaba no-Eshi Bhali.

34 Indodana kaJonathani kwakunguMeribhi Bhali. UMeribhi Bhali wazala uMikha.

35 Amadodana kaMikha: kwakunguPhithoni, uMelekhi, uThareya no-Ahazi.

36 U-Ahazi wazala uJehohada; uJehohada wazala u-Alemethi, u-Azimavethi, uZimri; uZimri wazala uMosa;

37 uMosa wazala uBhineya, uRafa, u-Eleyasa, u-Azeli.

38 U-Azeli wayenamadodana ayisithupha, nanka amagama awo: kwakungu-Azirikamu, uBhokheru, u-Ishmayeli, uShehariya, u-Obhadiya noHanani. Bonke laba kwakungamadodana ka-Azeli.

39 Amadodana ka-Esheki umfowabo: izibulo kwakungu-Ulamu, owesibili kunguJewushe, owesithathu kungu-Elifelethi.

40 Amadodana ka-Ulamu ayengamaqhawe anamandla, ansala umnsalo; ayenamadodana amaningi, namadodana amadodana amaningi, eyi-150. Laba babengabozalo lukaBhenjamini.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan