1 iziKronike 3 - IsiZulu 2020Abantwana BakaDavide: Amakhosi AkwaJuda; Amadodana KaJekhoniya 1 Nanka amagama amadodana kaDavide abamzalela wona eHebhroni: izibulo u-Amnoni ku-Ahinohama, umHizireyelikazi; owesibili nguDaniyeli, ku-Abhigayili, umKharmelikazi; 2 owesithathu ngu-Absalomu, indodana kaMahakha, indodakazi kaThalimayi, inkosi yaseGeshuri; owesine ngu-Adoniya, indodana kaHagithi; 3 owesihlanu nguShefathiya ku-Abhithali; owesithupha ngu-Ithereyamu ku-Egila, umkakhe. 4 Wazalelwa ayisithupha eHebhroni; wabusa khona iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engama-33. 5 Nanka-ke amadodana abamzalela wona eJerusalema: uShimeya, uShobhabhi, uNathani noSolomoni, ayemane, kuBhathi Shuwa, indodakazi ka-Amiyeli wazala: 6 uJibhari, u-Elishama, u-Elifelethi, 7 uNoga, uNefegi, uJafiya, 8 u-Elishama, u-Eliyada no-Elifeleti, ayeyisishiyagalolunye. 9 Wonke lawo kwakungamadodana kaDavide, ngaphandle kwalawo ayezalwa yizancinza. Udadewabo kwakunguThamari. Amakhosi AkwaJuda 10 Indodana kaSolomoni kwakunguRehobhowamu, yena wazala u-Abhiya. U-Abhiya wazala u-Asa; u-Asa wazala uJehoshafathi. 11 UJehoshafathi wazala uJoramu; yena wazala u-Ahaziya; yena wazala uJowashi. 12 UJowashi wazala u-Amaziya; yena wazala u-Azariya; yena wazala uJothamu. 13 UJothamu wazala u-Ahazi; yena wazala uHezekiya; yena wazala uManase. 14 UManase wazala u-Amoni; yena wazala uJosiya. 15 UJosiya wazala amadodana amane: izibulo nguJohanani, eyesibili nguJehoyakimi, eyesithathu nguZedekiya, eyesine nguShalumi. 16 Amadodana kaJehoyakimi: uJekhoniya, indodana yakhe, noZedekiya, indodana yakhe. Izizukulwane ZikaJekhoniya 17 Amadodana kaJekhoniya umthunjwa: kwakunguSheyalitiyeli, 18 uMalikhiramu, uPhedaya, uShenazari, uJekamiya, uHoshama noNedabiya. 19 Amadodana kaPhedaya: kwakunguZerubhabhele noShimeyi. Amadodana kaZerubhabhele: kwakunguMeshulamu noHananiya nodadewabo uShelomithi, 20 uHashubha, u-Oheli, uBherekhiya, uHasadiya noJushabhi Hesedi, eyisihlanu esewonke. 21 Amadodana kaHananiya: kwakunguPhelathiya, uJeshaya, amadodana kaRefaya, amadodana ka-Arinani, amadodana ka-Obhadiya, namadodana kaShekhaniya. 22 Indodana kaShekhaniya: kwakunguShemaya; amadodana kaShemaya: kwakunguHathushi, u-Igali, uBhariya, uNehariya noShafathi, eyisithupha esewonke. 23 Amadodana kaNehariya: kwakungu-Eliyohenayi, uHezekiya no-Azirikamu, emathathu esewonke. 24 Amadodana ka-Eliyohenayi: kwakunguHodaviya, u-Eliyashibhi, uPhelaya, u-Akubhi, uJohanani, uDelaya no-Anani, eyisikhombisa esewonke. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa