Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

1 iziKronike 2 - IsiZulu 2020


Amadodana Ka-Israyeli, AkaJuda, AkaHezironi NakaKhalebhi

1 Nanka amadodana ka-Israyeli: uRubeni, uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare, uZebuloni,

2 uDani, uJosefa, uBhenjamini, uNafethali, uGadi no-Asheri.

3 Amadodana kaJuda: u-Eri, u-Onani noShela, laba bobathathu wabazala kumKhananikazi, uBhathi Shuwa. U-Eri, izibulo likaJuda, wenza okubi phambi kukaSimakade; uSimakade wambulala.

4 UThamari, umalokazana wakwakhe, wamzalela uPherezi, noZera. Esewonke amadodana kaJuda ayeyisihlanu.

5 Amadodana kaPherezi: uHezironi noHamule.

6 Amadodana kaZera: uZimri, u-Ethani, uHemani, uKhalikholi noDara; esewonke ayeyisihlanu.

7 Amadodana kaKharmi: u-Akhari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo.

8 Indodana ka-Ethani: u-Azariya.

9 Amadodana kaHezironi awazalelwayo: uJerameli, uRamu noKhelubhayi.

10 URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabakwaJuda;

11 uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBhowazi;

12 uBhowazi wazala u-Obhede; u-Obhede wazala uJese.

13 UJese wazibula ngo-Eliyabe, owesibili kwaba ngu-Abhinadaba, owesithathu kwaba nguShimeya,

14 owesine kwaba nguNethaneli, owesihlanu kwaba nguRadayi,

15 owesithupha kwaba ngu-Osemi, owesikhombisa kwaba nguDavide;

16 odadewabo: kwakunguZeruya no-Abhigayili. Amadodana kaZeruya: u-Abhishayi, uJowabe no-Asaheli, ayemathathu.

17 U-Abhigayili wazala u-Amasa. Uyise ka-Amasa kwakunguJetheri, umIshmayeli.

18 UKhalebhi, indodana kaHezironi, wazala ku-Azuba, umkakhe, nakuJeriyothi; nanka amadodana akhe: uJesheri, uShobhabhi no-Aridoni.

19 Esefile u-Azuba; uKhalebhu wathatha u-Efrathi, wamzalela uHure.

20 UHure wazala u-Uri; u-Uri wazala uBhezaleli.

21 Kwathi sekwedlule isikhathi, uHezironi wangena indodakazi kaMakhiri, uyise kaGileyadi. Wamthatha eseneminyaka engama-60, wamzalela uSegubhi.

22 USegubhi wazala uJayire, owayenemizi engama-23 kwaGileyadi.

23 UGeshuri no-Aramu bathatha imizana kaJayiremi, iKenathi nemizana yalo, imizi engama-60. Bonke laba babengamadodana kaMakhiri, uyise kaGileyadi.

24 Emva kokufa kukaHezironi eKhalebhu Efratha, u-Abhiya, umkaHezironi, wamzalela u-Ashuri uyise kaThekhowa.


Amadodana KaJerameli

25 Amadodana kaJerameli, izibulo likaHezironi, kwakunguRamu izibulo, elanywe ngoBhuna, u-Oreni, u-Osemi no-Ahiya.

26 UJerameli wayenomunye umfazi, igama lakhe kungu-Athara; engunina ka-Onamu.

27 Amadodana kaRamu, izibulo likaJerameli, kwakunguMahazi, uJamini no-Ekheri.

28 Amadodana ka-Onamu kwakunguShamayi noJada. Amadodana kaShamayi: kwakunguNadabi no-Abhishuri.

29 Igama lomka Abhishuri kwakungu-Abhihayili, wamzalela u-Ahibhani noMolidi.

30 Amadodana kaNadabi: uSeledi no-Aphayimi; uSeledi wafa engenantwana.

31 Indodana ka-Aphayimi: kwakungu-Ishi. Indodana ka-Ishi: kwakunguSheshani. Indodana kaSheshani: kwakungu-Ahilayi.

32 Amadodana kaJada, umfowabo kaShamayi: kwakunguJetheri noJonathani; uJetheri wafa engenamntwana.

33 Amadodana kaJonathani: kwakunguPhelethi noZaza. Laba babengamadodana kaJerameli.

34 USheshani wayengenamadodana, enamadodakazi wodwa. USheshani wayenenceku eyayivela eGibhithe, igama layo kunguJariha.

35 USheshani waganisela uJariha, inceku yakhe, indodakazi yakhe, ukuba ibe ngumkakhe; wamzalela u-Athayi.

36 U-Athayi wazala uNathani; uNathani wazala uZabhadi.

37 UZabhadi wazala u-Efilali; u-Efilali wazala u-Obhede.

38 U-Obhede wazala uJehu; uJehu wazala u-Azariya.

39 U-Azariya wazala uHelezi; uHelezi wazala u-Eleyasa.

40 U-Eleyasa wazala uSisamayi; uSisamayi wazala uShalumi,

41 uShalumi wazala uJekhamiya; uJekhamiya wazala u-Elishama.


Amadodana KaKhalebhu

42 Amadodana kaKhalebhu, umfowabo kaJerameli: kwakunguMesha izibulo lakhe, owayenguyise kaZifi, namadodana kaMaresha, uyise kaHebhroni.

43 Amadodana kaHebhroni: kwakunguKhora, uThaphuwa, uRekemi noShema.

44 UShema wazala uRahamu, uyise kaJorikeyamu; uRekemi wazala uShamayi.

45 Indodana kaShamayi: kwakunguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBhethi Zuri.

46 U-Efa, isancinza sikaKhalebhu, wazala uHarana, uMoza, noGazezi; uHarana wazala uGazezi.

47 Amadodana kaJadayi: kwakunguRegemi, uJothamu, uGeshani, uPhelethi, u-Efa noShahafi.

48 UMahakha, isancinza sikaKhalebhu, wazala uShebheri noThirihana.

49 Wazala noShahafi, uyise kaMadimana, uSheva, uyise kaMakhibhena, noyise kaGibheya. Indodakazi kaKhalebhu kwakungu-Akhisa.

50 Nampa ababengabozalo lukaKhalebhu: amadodana kaHure, izibulo lika-Efratha: kwakunguShobhali, uyise kaKiriyathi Jeharimi,

51 uSalima uyise kaBhethlehema, noHarefi uyise kaBhethi Gaderi.

52 UShobhali, uyise kaKiriyathi Jeharimi, wayenalawa madodana: oHarowe nengxenye kaMenuhothi.

53 Imindeni kaKiriyathi Jeharimi kwakungamaJetheri, amaPhuthi, amaShumathi namaMishirayithi; kubo kwavela amaZorathi nama-Eshithawoli.

54 Amadodana kaSalima: kwakunguBhethlehema, uNethofa, u-Atharothi Bhethi Jowabe, nengxenye yamaManahathi, amaZori.

55 Imindeni yababhali ababehlala eJabhezi: ngamaThirathi, amaShimeyathi namaSukhathi. Laba babengamaKheni ayevela kuHamathi, uyise wendlu kaRekhabhi.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan