1 iziKronike 2 - IsiZulu 2020Amadodana Ka-Israyeli, AkaJuda, AkaHezironi NakaKhalebhi 1 Nanka amadodana ka-Israyeli: uRubeni, uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare, uZebuloni, 2 uDani, uJosefa, uBhenjamini, uNafethali, uGadi no-Asheri. 3 Amadodana kaJuda: u-Eri, u-Onani noShela, laba bobathathu wabazala kumKhananikazi, uBhathi Shuwa. U-Eri, izibulo likaJuda, wenza okubi phambi kukaSimakade; uSimakade wambulala. 4 UThamari, umalokazana wakwakhe, wamzalela uPherezi, noZera. Esewonke amadodana kaJuda ayeyisihlanu. 5 Amadodana kaPherezi: uHezironi noHamule. 6 Amadodana kaZera: uZimri, u-Ethani, uHemani, uKhalikholi noDara; esewonke ayeyisihlanu. 7 Amadodana kaKharmi: u-Akhari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo. 8 Indodana ka-Ethani: u-Azariya. 9 Amadodana kaHezironi awazalelwayo: uJerameli, uRamu noKhelubhayi. 10 URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabakwaJuda; 11 uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBhowazi; 12 uBhowazi wazala u-Obhede; u-Obhede wazala uJese. 13 UJese wazibula ngo-Eliyabe, owesibili kwaba ngu-Abhinadaba, owesithathu kwaba nguShimeya, 14 owesine kwaba nguNethaneli, owesihlanu kwaba nguRadayi, 15 owesithupha kwaba ngu-Osemi, owesikhombisa kwaba nguDavide; 16 odadewabo: kwakunguZeruya no-Abhigayili. Amadodana kaZeruya: u-Abhishayi, uJowabe no-Asaheli, ayemathathu. 17 U-Abhigayili wazala u-Amasa. Uyise ka-Amasa kwakunguJetheri, umIshmayeli. 18 UKhalebhi, indodana kaHezironi, wazala ku-Azuba, umkakhe, nakuJeriyothi; nanka amadodana akhe: uJesheri, uShobhabhi no-Aridoni. 19 Esefile u-Azuba; uKhalebhu wathatha u-Efrathi, wamzalela uHure. 20 UHure wazala u-Uri; u-Uri wazala uBhezaleli. 21 Kwathi sekwedlule isikhathi, uHezironi wangena indodakazi kaMakhiri, uyise kaGileyadi. Wamthatha eseneminyaka engama-60, wamzalela uSegubhi. 22 USegubhi wazala uJayire, owayenemizi engama-23 kwaGileyadi. 23 UGeshuri no-Aramu bathatha imizana kaJayiremi, iKenathi nemizana yalo, imizi engama-60. Bonke laba babengamadodana kaMakhiri, uyise kaGileyadi. 24 Emva kokufa kukaHezironi eKhalebhu Efratha, u-Abhiya, umkaHezironi, wamzalela u-Ashuri uyise kaThekhowa. Amadodana KaJerameli 25 Amadodana kaJerameli, izibulo likaHezironi, kwakunguRamu izibulo, elanywe ngoBhuna, u-Oreni, u-Osemi no-Ahiya. 26 UJerameli wayenomunye umfazi, igama lakhe kungu-Athara; engunina ka-Onamu. 27 Amadodana kaRamu, izibulo likaJerameli, kwakunguMahazi, uJamini no-Ekheri. 28 Amadodana ka-Onamu kwakunguShamayi noJada. Amadodana kaShamayi: kwakunguNadabi no-Abhishuri. 29 Igama lomka Abhishuri kwakungu-Abhihayili, wamzalela u-Ahibhani noMolidi. 30 Amadodana kaNadabi: uSeledi no-Aphayimi; uSeledi wafa engenantwana. 31 Indodana ka-Aphayimi: kwakungu-Ishi. Indodana ka-Ishi: kwakunguSheshani. Indodana kaSheshani: kwakungu-Ahilayi. 32 Amadodana kaJada, umfowabo kaShamayi: kwakunguJetheri noJonathani; uJetheri wafa engenamntwana. 33 Amadodana kaJonathani: kwakunguPhelethi noZaza. Laba babengamadodana kaJerameli. 34 USheshani wayengenamadodana, enamadodakazi wodwa. USheshani wayenenceku eyayivela eGibhithe, igama layo kunguJariha. 35 USheshani waganisela uJariha, inceku yakhe, indodakazi yakhe, ukuba ibe ngumkakhe; wamzalela u-Athayi. 36 U-Athayi wazala uNathani; uNathani wazala uZabhadi. 37 UZabhadi wazala u-Efilali; u-Efilali wazala u-Obhede. 38 U-Obhede wazala uJehu; uJehu wazala u-Azariya. 39 U-Azariya wazala uHelezi; uHelezi wazala u-Eleyasa. 40 U-Eleyasa wazala uSisamayi; uSisamayi wazala uShalumi, 41 uShalumi wazala uJekhamiya; uJekhamiya wazala u-Elishama. Amadodana KaKhalebhu 42 Amadodana kaKhalebhu, umfowabo kaJerameli: kwakunguMesha izibulo lakhe, owayenguyise kaZifi, namadodana kaMaresha, uyise kaHebhroni. 43 Amadodana kaHebhroni: kwakunguKhora, uThaphuwa, uRekemi noShema. 44 UShema wazala uRahamu, uyise kaJorikeyamu; uRekemi wazala uShamayi. 45 Indodana kaShamayi: kwakunguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBhethi Zuri. 46 U-Efa, isancinza sikaKhalebhu, wazala uHarana, uMoza, noGazezi; uHarana wazala uGazezi. 47 Amadodana kaJadayi: kwakunguRegemi, uJothamu, uGeshani, uPhelethi, u-Efa noShahafi. 48 UMahakha, isancinza sikaKhalebhu, wazala uShebheri noThirihana. 49 Wazala noShahafi, uyise kaMadimana, uSheva, uyise kaMakhibhena, noyise kaGibheya. Indodakazi kaKhalebhu kwakungu-Akhisa. 50 Nampa ababengabozalo lukaKhalebhu: amadodana kaHure, izibulo lika-Efratha: kwakunguShobhali, uyise kaKiriyathi Jeharimi, 51 uSalima uyise kaBhethlehema, noHarefi uyise kaBhethi Gaderi. 52 UShobhali, uyise kaKiriyathi Jeharimi, wayenalawa madodana: oHarowe nengxenye kaMenuhothi. 53 Imindeni kaKiriyathi Jeharimi kwakungamaJetheri, amaPhuthi, amaShumathi namaMishirayithi; kubo kwavela amaZorathi nama-Eshithawoli. 54 Amadodana kaSalima: kwakunguBhethlehema, uNethofa, u-Atharothi Bhethi Jowabe, nengxenye yamaManahathi, amaZori. 55 Imindeni yababhali ababehlala eJabhezi: ngamaThirathi, amaShimeyathi namaSukhathi. Laba babengamaKheni ayevela kuHamathi, uyise wendlu kaRekhabhi. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa