1 AmaKhosi 17 - IsiZulu 2020Umphrofethi U-Eliya Wondliwa Ngamagwababa 1 U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.” 2 Izwi likaSimakade lafika kuye, lathi: 3 “Suka lapha, uhambe ubheke ngasempumalanga, ufike ucashe ngasemfudlaneni iKherithi, ophambi kweJordani. 4 Uyophuza emfudlaneni, Mina ngiyale amagwababa ukuba akondle lapho.” 5 Wahamba, wenza njengalokhu izwi likaSimakade limyalile; wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKherithi ophambi kweJordani. 6 Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni. 7 Kwathi ngokuhamba kwezinsuku, umfudlana washa, ngokuba kwakungekho mvula ezweni. U-Eliya Wandisa Impuphu Namafutha Komfelokazi 8 Izwi likaSimakade lafika kuye, lathi: 9 “Suka uye eZarefathi eseSidoni, uhlale khona. Sengiyale owesifazane ongumfelokazi lapho ukuba akondle.” 10 Wasuka waya eZarefathi; wafika esangweni lomuzi, bheka, nango owesifazane ongumfelokazi etheza izinkuni zokubasa. Wambiza wathi kuye: “Ake ungilethele amanzana esitsheni, ngiphuze.” 11 Esasuka nje eyowalanda, wambiza futhi, wathi: “Ake ungiphathele nocezu lwesinkwa.” 12 Kepha wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, anginalo iqebelengwane, okukhona nje inkeshezana yempuphu esembizeni, nengcosana yamafutha ophisweni. Uyabona-ke, sengizitholele izinkuni ezimbili ukuze ngihambe ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sidle, sife.” 13 Wayesethi u-Eliya kuye: “Ungesabi; hamba wenze njengokusho kwakho, kodwa yenzela mina kuqala iqebelengwane elincane, ulilethe kimi, andukuba uzilungiselele wena nendodana yakho. 14 Ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Imbiza yempuphu ayiyukuphela, nophiso lwamafutha aluyukuswela, kuze kufike lolo lusuku uSimakade ayokunisa ngalo imvula emhlabeni.’ ” 15 Wayesehamba, wenza njengokusho kuka-Eliya: kwadla yena, u-Eliya, nabendlu yakhe izinsuku eziningi. 16 Imbiza yempuphu ayiphelanga, nophiso lwamafutha aluswelanga njengokusho kwezwi likaSimakade ayelikhulume ngomlomo ka-Eliya. 17 Kwathi emveni kwalokho, indodana yalowo mfelokazi, umninindlu, yagula. Ukugula kwayo kwaba nzima kangangokuthi yayingasakwazi ukuphefumula. 18 Wayesethi ku-Eliya: “Kodwa ngikone ngani wena muntu kaNkulunkulu? Uze lapha ukuba uzongikhumbuza isono sami nokuba kufe indodana yami na?” 19 Kepha u-Eliya wathi kuye: “Nginike indodana yakho.” Wayithatha esifubeni sakhe, wakhuphukela nayo ekamelweni eliphezulu, lapho ayehlala khona, wayibeka embhedeni wakhe. 20 Wayesekhala kuSimakade, ethi: “Simakade Nkulunkulu wami, kungani wehlisele lo mfelokazi engigogobele kwakhe okubi okungaka uze ubulale indodana yakhe na?” 21 Wazelula phezu komntwana kathathu, wakhala kuSimakade, wathi: “Simakade Nkulunkulu wami, umphefumulo walo mntwana mawubuyele kuye.” 22 USimakade walizwa izwi lika-Eliya; umphefumulo womntwana wabuyela kuye, waphila. 23 U-Eliya wayesemthatha umntwana, wamehlisa ekamelweni eliphezulu, wamngenisa endlini, wamnika unina; wathi: “Bheka, indodana yakho isiyaphila.” 24 Owesifazane wathi ku-Eliya: “Manje sengiyazi ukuthi wena ungumuntu kaNkulunkulu nokuthi izwi likaSimakade elisemlonyeni wakho, liyiqiniso.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa