Johane 2 - Contemporary Zulu Bible 2024Johane 2 1 Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; nonina kaJesu wayelapho. 2 UJesu wayesemenyiwe kanye nabafundi bakhe emshadweni. 3 Seliphelelwe iwayini, unina kaJesu wathi kuye: Kabanalo iwayini. 4 UJesu wathi kuye: “Mame, nginamsebenzi muni nawe? ihora lami alikafiki. 5 Unina wathi ezincekwini: Konke alisho kini, kwenzeni. 6 Kwakukhona lapho izimbiza zamanzi eziyisithupha zamatshe ngokwesimiso samaJuda sokuhlambulula, iyinye ingalingana amashedi amabili nantathu. 7 UJesu wathi kubo: Gcwalisani izimbiza ngamanzi. Base bewagcwalisa kwaze kwafika emlonyeni. 8 Wathi kubo: “Yikhani manje, niyise kumphathi wokudla; Base beyithwala. 9 Kwathi umphathi wokudla esewanambithile amanzi abenziwe iwayini, engazi lapho elivela khona, (kepha izinceku ezaziwakhile amanzi zazisazi), umphathi wokudla wabiza umyeni; 10 Wathi kuye: Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala; kuthi lapho sebephuzile, kudlule elibi, kepha wena ugcinile elimnandi kuze kube manje. 11 Lokho ukuqala kwezibonakaliso uJesu wakwenza eKhana laseGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa kuye. 12 Emva kwalokho wehlela eKapernawume, yena, nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe; bahlala khona izinsuku ezingeziningi. 13 Laselisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. 14 Wafumana ethempelini abathengisa ngezinkomo nezimvu namajuba, nabashintshi bemali behlezi. 15 Esenzile isiswepu sezintambo, wabaxosha bonke ethempelini, nezimvu, nezinkomo; wayichitha imali yabashintshi, wagumbuqela amatafula; 16 Wasesithi kwabathengisa amajuba: Susani lezizinto lapha; ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengisela. 17 Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshiwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kungidlile. 18 Base bephendula abaJuda, bathi kuye: “Usibonisa isibonakaliso sini, lokhu wenza lokhu na? 19 UJesu waphendula wathi kubo: Dilizani lelithempeli, njalo ngensuku ezintathu ngiyakulivusa. 20 Base bethi abaJuda: “Leli thempeli iminyaka engamashumi amane nesithupha lakhiwa, wena-ke uyakulivusa ngezinsuku ezintathu na? 21 Kodwa yena wayekhuluma ngethempeli lomzimba wakhe. 22 Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayekushilo lokho kubo; basebekholwa umbhalo lelizwi uJesu alikhulumayo. 23 Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo. 24 Kodwa uJesu kazinikelanga kubo, ngoba ebazi bonke; 25 Kwakungasweli muntu ukuthi afakaze ngomuntu, ngoba yena wayekwazi okukumuntu. |
Contemporary Zulu Bible
Copyright © 2024, by City Bible Foundation ®
Used by permission of City Bible Foundation ® All rights reserved worldwide.
City Bible Foundation