Online Bible

- Reklamy -




Esteri 3:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Base bebizwa ababhali benkosi ngosuku lweshumi nantathu lwenyanga yokuqala, kulotshiwe njengakho konke uHamani ayekushilo ezikhulwini zenkosi nakubabusi ababephezu kwezifunda zonke, nakubabusi babo bonke abantu abavela emazweni. Isifunda ngasinye ngombhalo waso, nabantu, yileso naleso ngolimi lwaso; kwalotshwa egameni lenkosi u-Ahashiveroshi, kwatywinwa ngendandatho yenkosi.

Viz kapitola kopírovat

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kwase kubizwa abalobi benkosi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nantathu lwayo, kwalotshwa njengakho konke uHamani ayala angakho othulasizwe benkosi, nababusi ababephethe izifunda ngezifunda, nezikhulu zezizwe ngezizwe, izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo, nezizwe ngezizwe njengolimi lwazo; kwalotshwa egameni lenkosi u-Ahashiveroshi, kwanamathiselwa ngendandatho yenkosi.

Viz kapitola kopírovat

IsiZulu 2020

12 Kuthe ngosuku lwe-13 ngenyanga yokuqala, kwabizwa bonke onobhala benkosi. UHamani wabayala ukuba babhale konke ayebatshela khona, bakuhumushele kuzo zonke izilimi, ezincwadini eziya kuzo zonke izifundazwe, bese bekuthumelela iziphathimandla zenkosi, nababusi, nabaholi babantu, nakuzo zonke izifundazwe; kwabhalwa egameni lenkosi u-Ahasheveroshi, kwasicilelwa ngendandatho yayo.

Viz kapitola kopírovat




Esteri 3:12

Následuj nás:

Reklamy


Reklamy