Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




Johane 10:25 - Baasraak Zulu New Testament Bible

25 UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshelile, kepha anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

25 UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga. Imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba, yiyona efakaza ngami,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshelile, kepha anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 10:25
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJesu wawaphendula wathi: Ngilitshengise imisebenzi eminengi emihle evela kuBaba; Yimuphi kule misebenzi eningikhandela yona na?


Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, ningangikholwa;


Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, nikholwe ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuye.


Khona abapristi abakhulu nabaFarisi base bebutha umphakathi, bathi: “Senzenjani na? ngoba lomuntu wenza izibonakaliso ezinengi.


Kodwa lanxa wayenze izibonakaliso ezingaka phambi kwabo, kabakholwanga kuye;


Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani yimi ngenxa yayo yona imisebenzi.


Lezinye izibonakaliso ezinengi uJesu wazenza phambi kwabafundi bakhe, ezingalotshiweyo kulugwalo.


Yena weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo wena, uma uNkulunkulu engenaye.


Abaningi esixukwini bakholwa kuye, bathi: “Nxa uKristu esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezi azenzileyo lona na?


Khona uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe;


Ngakho ngathi kini: Niya kufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, niyakufela ezonweni zenu.


Uyihlo u-Abrahama wajabula kakhulu ngokubona usuku lwami, walubona, wajabula.


UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: U-Abrahama engakabi khona, mina ngikhona.


Ukuthi uNkulunkulu wamgcoba kanjani uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza okuhle, ephulukisa bonke ababecindezelwe nguSathane; ngoba uNkulunkulu wayelaye.


Madoda akwa-Israyeli, yizwani lawa mazwi; UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phakathi kwenu ngemisebenzi yamandla, nangezimangaliso, nangezibonakaliso, uNkulunkulu azenza ngayo phakathi kwenu, njengokuba nazi nani ngokwenu;


Thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? eyaqala ukukhulunywa yiNkosi, yaqinisekiswa kithi yilabo abayizwayo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka