Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




URuthe 1:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kepha uRuthe wathi: “Ungangincengi ukuba ngikushiye, ngibuye, ngingakulandeli, ngokuba lapho uya khona, ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona, ngiyakuhlala khona nami; abantu bakho bayakuba ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 URuthi wathi: “Musa ukungincenga ukuba ngikushiye ngibuyele emuva, ngingahambi nawe, ngokuba lapho uya khona ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona ngiyakuhlala khona nami. Abantu bakini bayakuba ngabakithi, noNkulunkulu wakho uyakuba nguNkulunkulu wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 URuthe wasesithi: Ungangincengi ukuthi ngikutshiye, ngibuye ngikulandele; ngokuba lapho uya khona, ngiyakuya khona nami; nalapho nilala khona, nami ngiyakulala khona; abantu bakini bayakuba ngabantu bami, noNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




URuthe 1:16
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Ithayi wayiphendula inkosi, wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwenkosi yami, inkosi, impela kuleyo ndawo eyakuba kuyo inkosi yami, inkosi, noma kusekufeni noma kusekuphileni, lapho iyakuba khona nenceku yakho.”


Mawuzwe-ke, ndodakazi, uqaphele, ubeke indlebe yakho, ukhohlwe isizwe sakini nendlu kayihlo,


Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.


Ngokuba uJehova uyakumhawukela uJakobe, abuye amkhethe u-Israyeli, ababeke ezweni lakubo; nabafokazi bayakuzihlanganisa nabo, banamathele endlini kaJakobe.


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, lokhu ubunamandla okubonakalisa le mfihlakalo.”


Ngalokho ngikhipha isimemezelo sokuba bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhuluma okungafanele ngoNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego ziyakuhlahlelwa, izindlu zazo zenziwe iquba, ngokuba akakho omunye unkulunkulu ongophula ngale ndlela.”


Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.


“Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe; ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu, nomsindisi akakho ngaphandle kwami.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: ‘Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”


Kwase kufika umbhali, wathi kuye: “Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.”


Wathi kuye uPetru: “Nkosi, ngingekulandele kalokhu ngani na? Ngizakudela ukuphila kwami ngenxa yakho.”


Khona uPawulu waphendula wathi: “Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na? Ngokuba sengilungele, kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, nishiya izithombe, ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso,


UJehova waxosha phambi kwethu bonke abantu, nama-Amori futhi ayehlala ezweni; ngalokho nathi siyakumkhonza uJehova, ngokuba unguNkulunkulu wethu.”


Labo yibo abangangcoliswanga yisifazane, ngokuba bayizintombi. Labo yibo abalandela iWundlu noma liyaphi. Labo bathengwa ebantwini, babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


Wathi: “Bheka, umnakwenu usebuyele kwabakubo nakunkulunkulu wakhe; buya nawe, umlandele umnakwenu.”


Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; uJehova akenze njalo kimi, enezele futhi, ngokuba ngukufa kuphela okuyakusahlukanisa.”


Inceku eyayibekwe phezu kwabavuni yaphendula yathi: “Kuyintombazana yakwaMowabi ebuye noNawomi ezweni lakwaMowabi;


Uyakuba ngumbuyisi wokuphila kuwe, nomondli ebudaleni bakho, ngokuba umalokazana wakho okuthandayo, omuhle kuwe kunamadodana ayisikhombisa umzele.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka