Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UNumeri 35:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kubantwana bakwa-Israyeli, nakumfokazi, nakogogobeleyo phakathi kwabo lemizi iyakuba ngeyokuphephela ukuba yilowo nalowo obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Le mizi iyokuba ngeyokuphephela kubantu bakwa-Israyeli, kumfokazi, nakogogobeleyo phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulala umuntu ngokungenhloso abalekele kuyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Le mizi eyisithupha iyakuba yindawo yokuphephela yabantwana bakwa-Israyeli, nakumfokazi, nakomfokazi phakathi kwabo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 35:15
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakuqoqwa futhi; uNkulunkulu akasusi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.


Mawube munye umthetho kowokuzalwa ekhaya nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.”


Niyakuba nomthetho munye kumfokazi nakowokuzalwa ekhaya; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona kungengamabomu kuyo imiyalo uJehova ayale ngayo ukuthi akunakwenziwa akwenze noma yikuphi,


Kuyakuba ngumthetho munye nesimiso sinye kinina nakumfokazi ogogobeleyo kini.’ ”


niyakumisela imizi ibe yimizi yokuphephela ukuba umbulali obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.


Kumbe uNkulunkulu ungowabaJuda kuphela na? Kasiye nowabezizwe na? Yebo, nowabezizwe,


Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka