Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 9:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kwase kukhwela ezikhwelweni zamaLevi oJeshuwa, noBani, noKadimiyeli, noShebaniya, noBuni, noSherebiya, noBani, noKhenani, bamemeza ngezwi elikhulu kuJehova uNkulunkulu wabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Kwase kuma endaweni ephakeme yabaLevi; uJeshuwa, uBhani, uKadimiyeli, uShabhaniya, uBhuni, uSherebhiya, uBhani noKhenani. Bamemeza ngezwi elikhulu kuSimakade uNkulunkulu wabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Khona-ke oJeshuwa, noBani, noKadimiyeli, noShebanja, noBhuni, noSherebiya, noBani, noKhenani basukuma ezitebhisini zamaLevi, bamemeza ngezwi elikhulu kuJehova uNkulunkulu wabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 9:4
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

AmaLevi abantwana bamaKohati nawabantwana bamaKorahi asukuma ukumdumisa uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezwi elikhulu kakhulu.


AmaLevi: ngoJeshuwa, noBinuwi, noKadimiyeli, noSherebiya, noJuda, noMathaniya owayephethe ukubonga, yena nabafowabo,


Emva kwakhe kwalungisa amaLevi, uRehumi indodana kaBani. Eceleni kwakhe kwalungisa uHashabiya, umbusi wenxenye yesifunda saseKeyila esifundeni sakhe.


U-Ezra umbhali wayemi ebhesitulu* lamapulangwe ababelenzele lo mgomo; eceleni kwakhe kwakumi oMatithiya, noShema, no-Anaya, no-Uriya, noHilikiya, noMahaseya ngakwesokunene sakhe, nangakwesokhohlo sakhe ngoPhedaya, noMishayeli, noMalikhiya, noHashumi, noHashibadana, noZakariya, noMeshulamu.


NoJeshuwa, noBani, noSherebiya, noJamini, no-Akubi, noShabethayi, noHodiya, noMahaseya, noKelitha, no-Azariya, noJozabadi, noHanani, noPhelaya, namaLevi bafundisa abantu umthetho, abantu besezindaweni zabo.


AmaLevi oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHashabineya, noSherebiya, noHodiya, noShebaniya, noPhethahiya athi: “Sukumani nimbonge uJehova uNkulunkulu wenu kusukela phakade kuze kube phakade. “Malibongwe igama lakho elikhazimulayo, eliphakanyisiwe ngaphezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.


Ngikhala kuwe Jehova ngisotweni phansi.


Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova; yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela*


Izwi lami ngiyakuliphakamisela kuNkulunkulu, ngikhale kuNkulunkulu ukuba angibekele indlebe.


Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa, uyavalela umkhuleko wami.


Esekhulume lokho wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Lazaru, phuma.”


Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nkosi, ungababaleli lesi sono.” Eseshilo lokho walala ubuthongo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka