Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 5:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Base bethi: “Sizakubuyisela kubo, singabizi lutho kubo; sizakwenza njengokusho kwakho.” Ngase ngibiza abapristi, ngabafungisa ukuba benze njengalelo zwi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Baphendula bathi: “Sizobabuyisela konke, futhi singafuni lutho kubo. Sizokwenza njengoba ushilo.” Ngase ngibiza abaphristi, ngabafungisa ukuba benze njengoba bethembisile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Base bethi: “Sizowabuyisela, singabafuni lutho; ngakho sizokwenza njengokusho kwakho. Ngase ngibiza abapristi, ngabafungisa ukuba benze ngokwalesi sithembiso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 5:12
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lase liphendula lonke ibandla, lathi ngezwi elikhulu: “Njengokusho kwakho kithina nga sikwenza.


Wayesevuka u-Ezra, wafungisa izikhulu zabapristi, namaLevi, naye wonke u-Israyeli ukuba benze ngokwaleli zwi. Bafunga-ke.


babambelela kubafowabo, abakhulu babo, benza isithembiso nesifungo sokuba bahambe emthethweni kaNkulunkulu owanikwa ngesandla sikaMose inceku kaNkulunkulu, bagcine, benze yonke imiyalo kaJehova iNkosi yethu, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe


ukuba singabaniki abantu bezwe amadodakazi ethu, singathatheli amadodana ethu amadodakazi abo,


nokuba lapho abantu bezwe beletha impahla, noma uhlobo oluthile lwamabele ngosuku lwesabatha ukuba bathengise ngakho, singathengi kubo ngesabatha nangosuku olungcwele, futhi siwuyeke umnyaka wesikhombisa nazo zonke izikwenetu.


Ngabasola ngalokho, ngabathuka, ngashaya abanye abantu, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu, ngathi: “Ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo.


Ake nibuyisele namhlanje amasimu abo, nezivini zabo, neminqumo yabo, nezindlu zabo, nenxenye yekhulu yemali, neyamabele, neyewayini, neyamafutha enikubiza kubo kube yinzalo.”


Kepha uJesu wathula. Wayesethi kuye umpristi omkhulu: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.”


Kodwa uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka