Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 3:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Emva kwakhe kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya kaHakhosi, elinye ibanga, kusukela emnyango wendlu ka-Eliyashibi kuze kube sekugcineni kwendlu ka-Eliyashibi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 Ingxenye elandelayo kuze kuyofika ekugcineni kwendlu ka-Eliyashibhi yakhiwa nguMeremothi, indodana ka-Uriya, indodana kaHakozi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Emva kwakhe kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya, indodana kaKoshi, elinye ibanga, kusukela ekungeneni kwendlu ka-Eliyashibi kuze kube sekugcineni kwendlu ka-Eliyashibi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 3:21
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UKhosi wazala o-Anubi, noSobeba, nemindeni ka-Ahariheli indodana kaHarumu.


Abantwana babapristi: ngabantwana bakwaHabaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi, owathatha umfazi emadodakazini kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.


Ngosuku lwesine kwalinganiswa isiliva negolide nezitsha endlini kaNkulunkulu wethu, kwanikezwa esandleni sikaMeremoti, indodana ka-Uriya, umpristi; u-Eleyazare indodana kaFinehasi wayenaye; uJozabadi indodana kaJeshuwa noNohadiya, indodana kaBinuwi, amaLevi, babe nabo,


Kwasuka u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, balakha iSango Lezimvu, balingcwelisa, bamisa izivalo zalo, yebo, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHameya ababewungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHananeli.


Emva kwakhe kwalungisa nokulungisa uBaruki indodana kaZabayi elinye ibanga, kusukela eNqutshini kuze kube semnyango wendlu ka-Eliyashibi umpristi omkhulu.


Emva kwakhe kwalungisa abapristi, abantu basethafeni.


Eceleni kwabo kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya kaHakhosi. Eceleni kwabo kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya kaMeshezabeli. Eceleni kwabo kwalungisa uSadoki indodana kaBahana.


Kubapristi: ngabantwana bakwaHobaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi owathatha umfazi kumadodakazi kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka