Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 8:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuthiye, futhi akakho obusa phezu kosuku lokufa; ukukhululwa akukho empini, nobubi abunakukhulula umninibo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuvimbe, noma amandla phezu kosuku lokufa. Akekho okhululekile empini, kanjalo nobubi abunakubakhulula labo ababenzayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Akakho onamandla phezu komoya ukuba agcine umoya; futhi akanamandla ngosuku lokufa, futhi akukho ukugeleza kuleyo mpi; nobubi abuyikubasindisa labo abaphiwe kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 8:8
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakuqoqwa futhi; uNkulunkulu akasusi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.


Bawalandela baze bafika eJordani; bheka, yonke indlela yayigcwele izingubo nezimpahla ama-Aramu ayezilahlile ekubalekeni kwawo. Izithunywa zabuya, zayitshela inkosi.


Uma imihla yakhe inqunyiwe, umumo wezinsuku zakhe ukuwe, ubekile umkhawulo wakhe, aze angadluli,


Uma ebeyakuzibheka yena, azibuyisele umoya wakhe nomphefumulo wakhe,


Ngubani oyakuphila engayikubona ukufa, akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo, na? Sela*


Ababi bayakubuyela endaweni yabafileyo, bonke abezizwe abakhohlwa uNkulunkulu.


Umuntu akanakuma ngobubi, kepha impande yabalungileyo ayiyikunyakaziswa.


Omubi uwiswa phansi ngobubi bakhe, kepha olungileyo unethemba ekufeni kwakhe.


Ngubani owaziyo ukuthi umoya wamadodana abantu ukhuphukela phezulu, nomoya wezilwane ukuthi wehlela phansi emhlabathini, na?”


kodwa akuyikuba kuhle kwababi, nemihla yabo ayiyikwandiswa njengesithunzi, lokhu abesabi phambi kukaNkulunkulu.


Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibi nezinyoni ezibanjwa ogibeni, kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibe ngesikhathi esibi, lapho siwehlela ngokuzumayo.


Ngokuba nithe: “Senzile isivumelwano nokufa, sivumelene nendawo yabafileyo; lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula, asiyikusehlela thina, ngokuba senzile amanga abe yisiphephelo sethu, sicashile phansi kwenkohliso.”


Futhi isivumelwano senu nokufa siyakuchithwa, nokuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuyikuma; lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula, niyakunyathelwa phansi yiso.


Wethembile ebubini bakho, wathi: ‘Akakho ongibonayo.’ Ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakho kukudukisile; wathi enhliziyweni yakho: ‘Yimi, akakho omunye.’


kuhlwanyelwa kunokudelwa, kuvuswa kunenkazimulo; kuhlwanyelwa kunobuthakathaka, kuvuswa kunamandla.


Ngokuba noma wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, nokho uyaphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kodwa sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu ngakini.


Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka