Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 8:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 UJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli benza kungathi bahluliwe phambi kwabo, babaleka ngendlela eya ehlane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 UJoshuwa nayo yonke impi yakwa-Israyeli, bashaya sengathi bayehlulwa, base beyabaleka ngendlela eqonde ogwadule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 UJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli benza sengathi bahluliwe phambi kwabo, babaleka ngendlela eya ehlane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 8:15
6 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ehlane: iBeti Araba, neMidini, neSekaka,


Isabelo sabantwana bakwaJosefa sasuka eJordani ngaseJeriko emanzini aseJeriko ngasempumalanga, ihlane elenyuka eJeriko ezintabeni ukuya eBethele;


Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho waphuma eJordani; umkhawulo wenyuka eceleni kweJeriko ngasenyakatho, wakhuphukela ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakungasehlane laseBeti Aveni.


Kwathi inkosi yase-Ayi ikubona lokho, ashesha avuka ekuseni amadoda omuzi, aphuma ukuhlasela u-Israyeli, yona nabantu bayo, endaweni enqunyiweyo ngaphambi kwehlane; yayingazi nokho ukuthi babekhona abayiqamekeleyo ngasemva komuzi.


Base bebona abantwana bakwaBenjamini ukuthi banqotshiwe; abantu bakwa-Israyeli bamdela uBenjamini lokhu bebebethemba abaqamekeli ababebabekile ngaseGibeya.


Ngalokho bafulathela phambi kwabantu bakwa-Israyeli, bahamba ngendlela yasehlane, kepha ukulwa kwabalandela; abaphuma emizini bababulala phakathi kwayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka