Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 7:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UJoshuwa wayesethi: “Usihlupheleni na? UJehova uzakukuhlupha namuhla.” Bonke abakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe; babashisa ngomlilo, babakhanda ngamatshe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

25 UJoshuwa wathi: “Wenzeleni ukuba usilethele inhlupheko, na? USimakade uzakukulethela inhlekelele nawe namuhla.” Bonke abantu bakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe waze wafa, babashisa ngomlilo, babakhanda ngamatshe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Wayesethi uJoshuwa: “Usethuseleni na? uJehova uyakunesabisa namuhla. Wonke u-Israyeli wamkhanda ngamatshe, wabashisa ngomlilo, esebakhanda ngamatshe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 7:25
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wayesethi koSimeyoni noLevi: “Ningihluphile, ningenzile ukuba nginukele kabi abantu bezwe, amaKhanani namaPherizi, lokhu ngiyingcosana, bayakungihlanganyela, bangibulale, ngichithwe mina nendlu yami.”


Kwathi emva kwezinyanga ezintathu uJuda watshelwa ukuthi: “UTamari umalokazana wakho ufebile; bheka, futhi ukhulelwe ngokufeba kwakhe.” UJuda wathi: “Mletheni, ashiswe.”


Amadodana kaKarmi: ngo-Akari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo.


Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango; iyasusa ukuphila komniniyo.


Ohahela inzuzo uhlupha indlu yakhe, kepha ozonda imivuzo uyakuphila.


“ ‘Uma umuntu ethatha umfazi kanye nonina, kungukonakala; bayakushiswa ngomlilo yena nabo, ukuze kungabikho konakala phakathi kwenu.


“Futhi uyakusho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli, noma owabafokazi abagogobeleyo kwa-Israyeli, onikela ngenzalo yakhe kuMoloki, wobulawa nokubulawa, abantu balelo zwe bamkhande ngamatshe.


“ ‘Indodakazi yompristi, uma izingcolisa ngokufeba, iyamhlambalaza noyise; yoshiswa ngomlilo.


“Mkhiphele ngaphandle kwekamu* lowo othukile; bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe.


Sengathi bangazihuna abaninyakazisayo.


Uyakumkhanda ngamatshe ukuba afe, ngokuba uzamile ukukuhlubukisa uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


U-Israyeli wonke uyakuzwa, esabe, angabe esabenza ububi obunjalo njengalobo obuphakathi kwakho.


uyakukhiphela lowo wesilisa noma lowo wesifazane owenze leyo nto embi emasangweni akho, lowo wesilisa noma lowo wesifazane umkhande ngamatshe ukuba afe.


Onke amadoda omuzi wakubo ayakumkhanda ngamatshe aze afe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli ezwe, esabe.


uma kambe kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo,


niqaphelisise kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo,


Kodwa zigcineni nina kukho okuqalekisiweyo, funa lapho senikuqalekisile nithathe kukho okuqalekisiweyo, nilenze ikamu* libe ngeliqalekisiweyo, nilihluphe.


Kuyakuthi othathwayo enokuqalekisiweyo ashiswe ngomlilo, yena nakho konke anakho, ngokuba eqile isivumelwano sikaJehova nangokuba esebenzile ubuwula kwa-Israyeli.’ ”


Wayesethi uJonathani: “Ubaba uhluphile izwe; ake nibone ukuthi amehlo ami aseqabukile, ngokuba ngizwe ingcosana yalezi zinyosi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka