Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 4:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Abantwana bakwaRubeni, nabantwana bakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase bawela behlomile phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uMose ebekhulumile kubo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Abozalo lukaRubeni nolukaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase bawela umfula behlomile phambi kwabantu bakwa-Israyeli, njengalokhu uMose ayebayalile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase badabula behlomile phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uMose wakhuluma kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 4:12
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha uNkulunkulu wabagwegwisa abantu ngendlela yasehlane ngaseLwandle Olubomvu; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ezweni laseGibithe behlomile.


Kubantwana bakwaGadi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:


kepha thina uqobo lwethu siyakushesha sihlome, sihambe phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, size sibafinyelelise endaweni yabo, abancane bethu bahlale emizini ebiyelweyo ngenxa yabakhileyo ezweni.


“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle; niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, nonke eningamadoda anesibindi.


Wazikhethela isabelo sokuqala, ngokuba sasigodliwe lapho isabelo somahluleli; wahamba nezinhloko zabantu, wafeza ukulunga kukaJehova, nezahlulelo zakhe kanye no-Israyeli.”


Omkenu, nabantwana benu, nezinkomo zenu bayakuhlala ezweni uMose aninika lona ngaphesheya kweJordani; kepha nina niyakuwela phambi kwabafowenu nihlomile, nonke nina maqhawe anamandla, nibasize,


Kwathi lapho bonke abantu sebewelile baphelela, umphongolo kaJehova wawela kanye nabapristi emehlweni abantu.


kwawela phambi kukaJehova kungathi abayizinkulungwane ezingamashumi amane behlomele ukulwa ukuba baphume impi, baye emathafeni aseJeriko.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka