Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 10:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UJoshuwa wayesekhuluma kuJehova mhla uJehova enikela ama-Amori phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, wathi ebusweni babakwa-Israyeli: “Langa, yima eGibeyoni, nawe nyanga, esigodini sase-Ajaloni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Ngosuku uSimakade anikela ngalo ama-Amori ku-Israyeli, uJoshuwa wakhuluma noSimakade ephambi kwabantu bakwa-Israyeli wathi: “Langa, yima nse eGibheyoni, nawe nyanga, esigodini i-Ayijaloni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UJoshuwa wayesekhuluma kuJehova mhla uJehova enikela ama-Amori kubantwana bakwa-Israyeli, wathi phambi kwamehlo ka-Israyeli: “Langa, yima eGibeyoni; nawe nyanga esigodini sase-Ajaloni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 10:12
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abineri indodana kaNeri nezinceku zika-Ishi Bosheti indodana kaSawule baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni.


UHezekiya wathi: “Kulula kuso isithunzi ukuba selule izinyathelo eziyishumi; qha, isithunzi masibuye izinyathelo eziyishumi.”


U-Isaya umprofethi wakhala kuJehova, wasibuyisa isithunzi izinyathelo eziyishumi ebesizehlile ezinyathelweni zika-Ahazi.


Wathi u-Isaya: “Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lokho akukhulumileyo: isithunzi siyakuya phambili izinyathelo eziyishumi, noma siyakubuya izinyathelo eziyishumi na?”


noBeriya, noShema, ababe yizinhloko zezindlu zawoyise zabakhe e-Ajaloni, abaxosha abakhe eGati;


neSora, ne-Ajaloni, neHebroni, ekwaJuda nakwaBenjamini, imizi ebiyelweyo.


oyala ilanga lingaphumi, avalele izinkanyezi;


Mdumiseni nina langa nenyanga, nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo.


Isilinganiso sawo siphumele emhlabeni wonke namazwi awo emkhawulweni womhlaba. Ulimisele ilanga itende kulo.


Usuku ngolwakho, nobusuku ngobakho; nguwena owenza ukukhanya nelanga.


Ngokuba uJehova uyakusukuma njengasentabeni yasePherasimi, athukuthele njengasesigodini saseGibeyoni, ukuze enze umsebenzi wakhe, umsebenzi wakhe ongavamile, afeze isenzo sakhe, isenzo sakhe esimangalisayo.


bheka, isithunzi sezinyathelo ilanga elizehlile ezinyathelweni zelanga zika-Ahazi ngiyakusibuyisa izinyathelo eziyishumi.’ ” Ilanga labuya-ke izinyathelo eziyishumi ezinyathelweni elizehlileyo.


Ilanga lakho alisayikushona, nenyanga yakho ayisayikuncipha, ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.


Kwathi ngawona lowo mnyaka ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda ngomnyaka wesine, ngenyanga yesihlanu, uHananiya indodana ka-Azuri, umprofethi waseGibeyoni, wakhuluma kimi endlini kaJehova phambi kwabapristi nabantu bonke, wathi:


“Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo, akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,* ayenamandla njengama-oki;* kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu nezimpande zawo phansi.


“Kuyakuthi ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova, “ngilishonise ilanga emini, ngenze ukuba kube mnyama emhlabeni emini ekhanyayo.


Kepha uJehova usethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”


Ilanga nenyanga kwema endaweni yakho ngokukhanya kwemicibisholo yakho egijimayo nangokubengezela kwemikhonto yakho ecwebezelayo.


Thula, nyama yonke, phambi kukaJehova, ngokuba uvukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”


wahamba, wakhonza abanye onkulunkulu, wakhuleka kubo, noma ilanga, noma inyanga, noma ibandla lezulu, engingayalanga ngakho,


funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.


Lase lima ilanga, nenyanga yahlala, abantu baze baziphindisela ezitheni zabo. Akulotshiwe yini lokho eNcwadini Yolungileyo na? Ilanga lema phakathi nomkhathi, alisheshanga ukushona kungathi usuku lonke.


neShahalabini, ne-Ajaloni, neJitila,


ne-Ajaloni namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo, imizi mine.


U-Eloni wakwaZebuloni wafa, wembelwa e-Ajaloni ezweni lakwaZebuloni.


Kwaliwa ezulwini; izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera.


USamuweli wayesekhuleka kuJehova; uJehova wathuma ukuduma nemvula ngalolo suku; bonke abantu besaba kakhulu uJehova noSamuweli.


Babulala amaFilisti ngalolo suku kusukela eMikimashi kuze kube se-Ajaloni; abantu baphela amandla kakhulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka