Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJobe 5:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Uyabamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo; isiluleko soyisigwegwe siyachithwa ngokuphuthuma.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo, achithe ngokushesha iseluleko soyisigwegwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo, nesiluleko sabafundisi bamanga siphendukezelwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 5:13
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Abisalomu.” Wayesethi uDavide: “Jehova, mawuntumazelise amasu ka-Ahithofeli.”


kepha uma ubuyela emzini, uthi ku-Abisalomu: ‘Ngiyakuba yinceku yakho, nkosi; kade ngiyinceku kayihlo, manje ngiyakuba yinceku yakho,’ khona uyakungishafisela amasu ka-Ahithofeli.


Lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe, wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.


Base bemphanyeka-ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Yayisibohla intukuthelo yenkosi.


kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi, yasho ngencwadi ukuba lelo cebo elibi ayelicebe ngabaJuda libuyele ekhanda lakhe, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini.


Ngokuba ububi bakho buyafundisa umlomo wakho; ukhetha ulimi lwabanobuqili.


Ngalokho abantu bayamesaba; kepha akanaki abazishaya izihlakaniphi ngenhliziyo.”


kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani.


Ababi bayakubuyela endaweni yabafileyo, bonke abezizwe abakhohlwa uNkulunkulu.


ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova. kepha abaqotho bayisifuba sakhe.


Umoya waseGibithe uyakuba yize ngaphakathi kwalo; ngiyakuchitha amasu alo; bayakufuna onkulunkulu, nezinyanga, nabanamadlozi, nabathakathi.


oshafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye, obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


Base bethi: “Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.”


Ngo-Edomi. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Akusekho ukuhlakanipha eThemani na? Amasu aphelile kwabaqondileyo, ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?


“ ‘Ningasho kanjani, nithi: “Sihlakaniphile, umthetho kaJehova unathi,” na? Impela bheka, uthi lokuloba lwamanga lwababhali lusebenzile okwamanga.


Abahlakaniphileyo bayakujabha, besabe, babhajwe; bheka, balilahlile izwi likaJehova, banokuhlakanipha kuni na?


Khuluma! “Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Izidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle, nanjengesithonto emva komvuni, kungekho okubuthayo.’ ”


Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova, yazigqula odongeni, yalimaza unyawo lukaBileyamu ngasodongeni; wabuye wayishaya.


Wenzile amandla ngengalo yakhe; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo.


Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo,”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka