Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJobe 42:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ababazana naye ngaphambili, badla endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uJehova amehlisele khona, yilowo nalowo wamnika uhlamvu lwemali necici legolide.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ayazana nabo phambilini, badla isinkwa naye endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uSimakade ayemehlisele khona. Bamnika yilowo nalowo uhlamvu lwemali necici legolide.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Khona-ke bonke abafowabo nabo bonke odadewabo nabo bonke abazana naye beza kuye badla isinkwa naye endlini yakhe; bamlilela, bamduduza ngakho konke okubi uJehova amehlisele khona; bamnika, kwaba yilowo nalowo uhlamvu lwemali, kwaba yilowo nalowo icici legolide.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 42:11
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, isisindo salo siyinxenye yeshekeli,* namasongo amabili ezandla zayo, isisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, yathi:


Inceku yakhipha izinto zesiliva nezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu.


Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukududuzwa, wathi: “Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila.” Uyise wamlilela-ke.


Benginganiqinisa ngomlomo, induduzo yezindebe zami inidambise.


Lapho abangane abathathu bakaJobe sebezwe ngakho konke lokho okubi okumehleleyo, bafika kuye bevela, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe: ngu-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama; bavumelana ukuba baye bamkhalele, bamduduze.


Amazwi akho amisile okhubekayo; usimamisile amadolo athuthumelayo.


Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe, kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.


Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.


Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo.


Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso.


Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo,


Bakhumbuleni ababoshiweyo kungathi niboshiwe kanye nabo, nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisemzimbeni.


Amathambo kaJosefa akhushulwa eGibithe ngabantwana bakwa-Israyeli, bawembela eShekemi esiqeshini sezwe asithengayo uJakobe kumadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita* ayikhulu, laba ifa labantwana bakwaJosefa.


Kepha abantu ababi bathi: “Uyakusisindisa kanjani lowo na?” Bamdelela, abamnikanga isipho. Kepha wathula.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka