Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJobe 24:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Bakhona abakuhlubukile ukukhanya; abazi indlela yakho, abanamatheli emikhondweni yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 “Kukhona abamelene nokukhanya, abangazibandakanyi nezindlela zakho, abanganamatheli emikhondweni yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bangabahlubuki ekukhanyeni; abazazi izindlela zakhe futhi abahlali emikhondweni yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 24:13
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wavuka phakathi kwamabili, wathatha umfana wami eceleni kwami, incekukazi yakho ilele ubuthongo, wambeka esifubeni sakhe, wabeka umfana wakhe ofileyo esifubeni sami.


Bexoshwe emzini abafayo bayabubula; imiphefumulo yabalimeleyo iyakhala, kepha uNkulunkulu akanaki lokho okubi.


Umbulali uvuka ekuseni, abulale ompofu noswelayo; ebusuku unjengesela.


Bafohla izindlu sekumnyama; emini bayazivalela; ukukhanya abakwazi.


ukuba ubambe amagumbi omhlaba, ababi bathintithwe kuwo, na?


Ababi sebenqatshelwe ukukhanya kwabo, nengalo ephakemeyo yaphuliwe.


Emini bahlangana nobumnyama, baphumputha emini njengasebusuku.


Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.


Wayesethi kubo uJesu: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona kini. Hambani nise nokukhanya, ukuze ubumnyama bunganehleli. Ohamba ebumnyameni akazi ukuthi uya ngaphi.


“Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo, funa babone ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.”


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe.


Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.


abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.


Ngakho owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.


Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi.


nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, kodwa zalishiya ikhaya lazo, izigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka