Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJobe 14:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 kanjalo umuntu ulala phansi, angabe esavuka; lize lingabikho izulu abayikuvuka, bangaphaphanyiswa ebuthongweni babo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 kanjalo umuntu ulala phansi, angabe esavuka, lize lingabi bikho izulu abayukuvuka, abayukuphaphanyiswa ebuthongweni babo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngakho umuntu uyahamba ayolala phansi futhi angavuki; kuze kube yilapho izulu lingasekho, ngeke bavuke futhi bavuke ebuthongweni babo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 14:12
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba kalokhu ngakube ngilele, ngithule; khona ngakube ngilele ubuthongo nginokuphumula


Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeni nasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.


Awuthetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami, na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini; uyakungifunisisa, kepha angiyikubakho.”


Ifu liphela lihamba; kanjalo owehlele endaweni yabafileyo akasayikukhuphuka.


Kuyakubhubha lokhu, kepha uyakuma; yebo, kuyakuguga konke njengengubo; njengesambatho uyakukuguqula, kuguqulwe.


Uyabamukisa njengesikhukhula, banjengobuthongo; ekuseni banjengotshani obuhlumayo;


Noma umuntu ekhona iminyaka eminingi, makathokoze ngayo yonke, akhumbule nokho nezinsuku zobumnyama ukuthi njengokuba ziziningi, konke okufikayo kuyize.


nalapho abantu besaba imimango izesabiso zibe sendleleni, umalimondi* ukhahlele, intethe itotobe, izithelo zesihlahla sekaphari* zingabe zisaba namandla, ngokuba umuntu useya endlini yakhe ephakade, nabalilayo bazulazula esitaladini;


Kepha abafileyo bakho bayakubuye baphile, izidumbu zabo zivuke. Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini, ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya, nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.


Phakamiselani amehlo enu ezulwini, niwubheke umhlaba phansi, ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane, kepha insindiso yami iyakuma kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyikuphela.


“Ngokuba bheka, ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.


“Ngokuba njengokuba izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami,” usho uJehova, “kanjalo kuyakuma inzalo yakho negama lakho.


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade.


Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


okumelwe ukuba izulu limamukele, kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, kusukela kwaphakade.


Ngokuba okudaliweyo kwabekwa phansi kobuze, kungengentando yakho kodwa ngaye owakubekayo,


Ngalokho uthi: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.”


kepha izulu nomhlaba okukhona manje kubekelelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kulindele usuku lokwahlulela nolokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.


Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka