Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 8:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “ ‘Ngaleso sikhathi, usho uJehova, bayakuwakhipha amathambo amakhosi akwaJuda, namathambo ezikhulu zakhe, namathambo abapristi namathambo abaprofethi, namathambo abakhileyo eJerusalema emathuneni abo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 “ ‘Ngaleso sikhathi,’ kusho uSimakade, ‘bayakukhipha amathambo amakhosi akwaJuda, awezikhulu zakhona, awabaphristi, awabaphrofethi nawezakhamuzi zaseJerusalema, emathuneni abo,’ kusho uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngaleso sikhathi, usho uJehova, bayakukhipha emathuneni abo amathambo amakhosi akwaJuda, namathambo ezikhulu zakhe, namathambo abapristi, namathambo abaprofethi, namathambo abakhileyo eJerusalema;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 8:1
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Walibiza i-altare ngezwi likaJehova, wathi: “Altare, altare, usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, kuzakuzalwa umntwana kuyo indlu kaDavide, nguJosiya igama lakhe; uyakunikela phezu kwakho ngabapristi bezindawo eziphakemeyo abashisa impepho phezu kwakho, bashise namathambo abantu phezu kwakho.’ ”


UJosiya waphenduka, wabona amathuna ayelapho entabeni; wathumela wakhipha amathambo emathuneni, wawashisa e-altare, walingcolisa njengezwi likaJehova alimemeza lowo muntu kaNkulunkulu owamemezela lezi zinto.


Wabulala ema-altare bonke abapristi basezindaweni eziphakemeyo ababe lapho, washisa amathambo abantu phezu kwawo, wabuyela eJerusalema.


isidumbu sika-Izebeli siyakuba njengomquba ebusweni bomhlaba esiqeshini sezwe laseJizreyeli ukuba bangasho ukuthi: ‘Nangu u-Izebeli.’ ”


Besaba nokwesaba, lapho kungekho okwesabisayo; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.


Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; abayikuba namuntu wokubembela, bona nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.


Isandla sikaJehova sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaJehova, sangibeka phakathi kwesigodi; sasigcwele amathambo.


Ama-altare enu ayakuba yincithakalo, kwaphulwe ama-altare enu empepho, ngilahle ababuleweyo benu phambi kwezithombe zenu.


Ngiyakubeka izidumbu zabantwana bakwa-Israyeli phambi kwezithombe zabo, ngihlakaze amathambo enu nxazonke zama-altare enu.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaMowabi, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba washisa amathambo enkosi yakwa-Edomi aba ngumcako.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka