Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 6:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha uNowa wayetholile umusa emehlweni kaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Nokho uNowa wafumana umusa emehlweni kaSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kodwa uNowa wathola umusa emehlweni eNkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 6:8
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, ungenzele ububele obukhulu ngokusindisa ukuphila kwami; kepha mina angikwazi ukubalekela entabeni, funa ububi bungifice, ngife.


UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo, kepha ababi bonke uyakubabhubhisa.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Omuhle uthola umusa kuJehova, kepha umuntu wamacebo uyamlahla.


ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.


Ngokuba ongifumanayo, ufumana ukuphila, azuze umusa kuJehova.


Usho kanje uJehova, uthi: “Abantu abasele enkembeni bafumana umusa ehlane, lapho u-Israyeli eya khona ukuthola ukuphumula kwakhe.”


noma ebekhona phakathi kwalo lawa madoda amathathu, oNowa, noDaniyeli, noJobe, wona ayeyakophula imiphefumulo yawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.


Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.


Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu.


“Njengokuba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu.


owathola umusa ebusweni bukaNkulunkulu, wacela ukufunela uNkulunkulu kaJakobe idokodo.


kepha uma kuya ngomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.


Kepha kosebenzayo umvuzo awubalelwa ngokomusa kodwa ngokwemfanelo;


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.


Kepha-ke mhla kwaba kuhle kuNkulunkulu owangahlukanisela kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe


iNkosi mayimnike ukuba athole ububele eNkosini ngalolo suku – konke akhonza ngakho e-Efesu uyakwazi wena kakhulu.


Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke;


ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba.


Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.


abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi;


nezwe lamandulo engaliyekanga, kodwa wamlondoloza uNowa, umshumayeli wokulunga, engowesishiyagalombili, mhla eletha uzamcolo ezweni elingamesabi uNkulunkulu;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka