Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 48:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Ngangingacabanganga ukuthi ngizakubona ubuso bakho; bheka, uNkulunkulu ungibonise nenzalo yakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 U-Israyeli wathi kuJosefa: “Ngangingasalindele ukuthi ngiyophinde ngibubone ubuso bakho. Manje bheka, uNkulunkulu ungivumele ukuba ngibone ngisho nabantwana bakho imbala.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UIsrayeli wasesithi kuJosefa: Ngangingacabangi ukuthi ngizakubona ubuso bakho; khangela-ke, uNkulunkulu ungibonisile lenzalo yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 48:11
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayibona, wathi: “Yiyo ingubo yendodana yami; isilwane esibi simdlile; yebo, uJosefa udatshuliwe nokudatshulwa.”


Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukududuzwa, wathi: “Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila.” Uyise wamlilela-ke.


UJakobe uyise wayesethi kubo: “Niyangaphuca abantwana bami; uJosefa akasekho, noSimeyoni kasekho; senizakuthatha noBenjamini; kuphezu kwami konke lokhu.”


Bamtshela bathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi ezweni lonke laseGibithe.” Inhliziyo yakhe yayisiphela amandla, ngokuba akakholwanga yibo.


Kepha amehlo ka-Israyeli ayefiphele ngobudala, engasenakubona; wawasondeza kuye; wawanga, wawagona.


UJosefa wawakhipha emathangeni akhe; wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi.


Uyakubona abantwana babantwana bakho. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Abantwana babantwana bangumqhele wabadala, nodumo lwabantwana lungoyise.


Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka