Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 24:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Inceku yayisithatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo, yahamba, izinto zonke ezinhle zenkosi yayo zisesandleni sayo; yasuka, yaya eMesopotamiya emzini kaNahori.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Inceku yathatha amakameli ayishumi omniniyo, yahamba iphethe izimpahla ezinhle ezinhlobonhlobo ezivela kumnumzane. Yalibangisa e-Aramu Naharayimu, emzini okwakwakhe kuwo uNahori.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Inceku yathatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo yahamba; ngoba yonke impahla yenkosi yakhe yayisesandleni sakhe; wasuka, waya eMesopotamiya, emzini kaNahori.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 24:10
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UThera wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala o-Abrama, noNahori, noHarana.


O-Abrama noNahori bazithathela abafazi; igama lomka-Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka, indodakazi kaHarana, uyise kaMilka noyise kaJiska.


UThera wathatha u-Abrama indodana yakhe, noLoti indodana kaHarana, indodana yendodana yakhe, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe, waphuma nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bakha khona.


Izinsuku zikaThera zaziyiminyaka engamakhulu amabili nanhlanu; uThera wafela eHarana.


Kwathi emva kwalokho kwabikwa ku-Abrahama ukuthi: “Bheka, naye uMilka umzalele uNahori umfowenu abantwana:


Wayesethi u-Abrahama encekwini enkulu yendlu yakhe eyayibusa konke anakho: “Beka isandla sakho phansi kwethanga lami.


Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, isisindo salo siyinxenye yeshekeli,* namasongo amabili ezandla zayo, isisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, yathi:


Inceku yakhipha izinto zesiliva nezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu.


Ngalokho, ndodana yami, lalela izwi lami: vuka ubalekele kuLabani umfowethu eHarana,


Wayesesuka uJakobe, waya ezweni labantu basempumalanga.


Wabheka, nanko umthombo endle, nemihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo, ngokuba kulowo mthombo babephuzisa imihlambi; itshe elalisemlonyeni womthombo lalilikhulu kakhulu.


Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi bazenzile ukuba banengeke kuDavide, uHanuni nabantwana bakwa-Amoni bathuma amatalenta* ayinkulungwane esiliva ukuziqashela izinqola nabamahhashi e-Aramu Naharayimi, nase-Aramu Mahakha, naseSoba.


AmaParte, namaMede, nama-Elamithi, nabakhile eMesopotamiya, naseJudiya, naseKhaphadosiya, nasePontu, nase-Asiya,


ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe, nangokuba baqasha ukuba kumelane nawe uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori laseMesopotamiya ukuba akuqalekise.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka