Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 23:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 ukuba angiphe umhume waseMakaphela anawo emkhawulweni wensimu yakhe, awunike kimi ngemali efanele wona, ube yindawo yokumbela phakathi kwenu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 ukuba anginike umgede wakhe waseMakhaphela, osemngceleni wensimu yakhe. Makanginike le ndawo phambi kwenu, bese ngimkhokhela intengo yayo ephelele, ukuze ibe ngeyami yokungcwaba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 ukuze anginike umhume waseMagpela anawo, osekupheleni kwensimu yakhe; ngoba imali elingana layo uzanginika yona ibe yindawo yethuna phakathi kwenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 23:9
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Efroni wayehlezi phakathi kwabantwana bakwaHeti: u-Efroni umHeti wamphendula u-Abrahama ezindlebeni zabantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe, wathi:


“Ngingumfokazi nozulane phakathi kwenu; ngipheni indawo yethuna phakathi kwenu ukuba ngimmbele ofileyo wami, angabikho ebusweni bami.”


wakhuluma nabo, wathi: “Uma kuyintando yenu ukuba ngimmbele ofileyo wami, angabikho ebusweni bami, ngizweni, ninginxusele ku-Efroni indodana kaSowari


insimu ayithenga u-Abrahama kubo abantwana bakwaHeti; khona wembelwa u-Abrahama noSara umkakhe.


Wabayala, wathi kubo: “Mina sengiyakubuthelwa kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti,


ngokuba amadodana akhe amyisa ezweni laseKhanani, ammbela emhumeni wasensimini yaseMakaphela, u-Abrahama awuthenga kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yokumbela, ngaphambi kweMamre.


UDavide wathi ku-Orinani: “Nginike indawo yalesi sibuya ukuba ngakhele uJehova i-altare kuyo: uyakunginika yona ngemali epheleleyo ukuba lesi sifo sinqamuke kubantu.”


Inkosi uDavide yathi ku-Orinani: “Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngemali epheleleyo, ngokuba angizukumthathela uJehova okungokwakho, nginikele ngomnikelo wokushiswa ngengikuthole ngeze.”


Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke;


Ningabi nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka