Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 23:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Cha, nkosi; ngilalele: ngiyakunika le nsimu, nomhume okuyo ngikunika wona; ebusweni bamadodana abantu bami ngikunika wona; mmbele lapho ofileyo wakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 “Qha, nkosi yami, ngicela ungizwe kahle. Ngiyakunika le nsimu, futhi ngiyakunika nomgede okuyo. Ngikunika yona phambi kwabantu bakithi, mngcwabe umkakho kuyo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Cha, nkosi yami, ngilalele; isiqephu sezwe ngiyakukunika lona, nomhume okuso ngiyakukunika wona; phambi kwamadodana abantu bami ngiyakunika lona; ngcwaba ofileyo wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 23:11
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrahama wakhothamela ebusweni babantu balelo zwe.


kwaba yinzuzo ka-Abrahama emehlweni abantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe.


“Sizwe, nkosi; wena uyisikhulu sikaNkulunkulu phakathi kwethu; mmbele ofileyo wakho kwelihle kuwo onke amathuna ethu; akakho phakathi kwethu ozakugodlela wena ithuna lakhe ukuba ummbele ofileyo wakho.”


Onesizotha uceba okuzothileyo, nangokuzotha kwakhe uyakuma.


“ ‘Noma ubani obulala umuntu, umbulali uyakubulawa ngemilomo yawofakazi; kepha ufakazi oyedwa akayikufakazela muntu aze afe.


“Wayesethi kwababemi khona: ‘Maphuceni umina, nimnike onawomina abayishumi.’


Ngomlomo wawofakazi ababili noma ngowawofakazi abathathu uyakubulawa lowo ofanele ukufa; ngomlomo wofakazi munye akayikubulawa.


“Ufakazi oyedwa nje akayikumvukela umuntu ngobubi, noma ngesono, noma kuyisiphi isono ona ngaso; ngomlomo wawofakazi ababili noma ngomlomo wawofakazi abathathu indaba iyakuqiniswa.


UBowazi wenyukela esangweni, wahlala phansi khona; bheka, umhlengi akhuluma ngaye uBowazi, wadlula; wathi kuye: “We wena sibanibani, phambuka, uhlale lapha.” Waphambuka, wahlala phansi.


Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi: “Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa-Israyeli, ucebe e-Efratha, ube nodumo eBetlehema;


bengithi ngiyakukwambulela kuwe, ngithi: Lithenge phambi kwabahleziyo lapha naphambi kwamalunga abantu bakithi; uma ulithenga, lihlenge; kepha uma ungalithengi, ngitshele ukuba ngazi, ngokuba akakho ongalihlenga ngaphandle kwakho, mina ngisemva kwakho.” Wayesethi: “Ngiyakulihlenga.”


UBowazi wayesethi kumalunga nakubantu bonke: “Ningofakazi namuhla ukuthi ngithengile konke okwakungokuka-Elimeleki, nakho konke okwakungokukaKiliyoni nokukaMahaloni esandleni sikaNawomi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka