Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 21:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wathi futhi: “Ngubani obengasho ku-Abrahama ukuthi uSara ubeyakuncelisa abantwana na? Ngokuba sengimzalele indodana esemdala.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Waqhubeka wathi: “Ngubani owayengase athi ku-Abhrahama: ‘USara usengancelisa abantwana na?’ Kodwa nokho ngimzalele umntwana esemdala.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Wathi: “Ngubani obengamtshela u-Abhrahama ukuthi uSara kumele amunyise abantwana?” ngoba ngamzalela indodana ebudaleni bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 21:7
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrahama wayesewa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?”


UJehova wathi ku-Abrahama: “Uhlekeleni uSara, ethi: ‘Imbala ngizakuzala ngimdala na?’


Umntwana wakhula, walunyulwa; u-Abrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa.


Udadewabo kaThahipenesi wamzalela uGenubati, indodana yakhe, uThahipenesi amlumula endlini kaFaro; uGenubati wayesendlini kaFaro phakathi kwamadodana kaFaro.


Lapho sengivuka ekuseni ukuba ngimncelise umfana wami, bheka, wayesefile; kepha sengimbhekisisa ekuseni, bheka, kwakungesiye umfana wami engimzeleyo.”


Ngokuba umkhulu wena, uyenza izimangaliso, unguNkulunkulu wena wedwa.


Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi; akukho okunjengemisebenzi yakho.


Bese wusho enhliziyweni yakho ukuthi: ‘Ngubani ongizalele laba, lokhu ngaphuciwe abantwana bami, ngingenalutho, ngingumthunjwa, ngingozulazulayo, na? Ngubani okhulise laba na? Bheka, ngasala ngedwa; laba babephi na?’ ”


Ngubani ozwile okunjalo na? Ngubani obonile okunjengalokhu na? Izwe lingazalwa ngosuku olulodwa na? Isizwe singabelethwa kanyekanye na? Ngokuba iSiyoni lithe lisenemihelo, lazala abantwana balo.


Makaqalekiswe umuntu owabika kubaba, ethi: “Uzalelwe umntwana wesilisa,” emthokozisa nokumthokozisa.


Ayikho imilingo engamelana noJakobe; akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli; manje sekuyashiwo ngoJakobe nango-Israyeli ukuthi uNkulunkulu wenzeni.


ukuze imibuso nabanamandla emazulwini baziswe manje ngebandla ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,


nxa efika ukuba akhazimuliswe kubo abangcwele bakhe, abe ngomangalisayo kubo bonke abakholwa ngalowo muhla, ngokuba nakholwa ngukufakaza kwethu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka