Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 20:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 U-Abimeleki wayesembiza u-Abrahama, wathi kuye: “Wenzeni kithi na? Ngoneni kuwe ukuba ungilethele mina nombuso wami icala elingaka na? Wenze kimi okungafanele ukwenziwa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 U-Abhimeleki wabiza u-Abhrahama wathi: “Ukwenzeleni lokhu kithi, mina nombuso wami sikone ngani uze usethwese icala elingaka na? Wenze kithi okungafanele ukwenze.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 U-Abimeleki wayesembiza u-Abrahama, wathi kuye: “Wenzeni kithi na? futhi ngone ngani ukuba ulethe isono esikhulu phezu kwami naphezu kombuso wami na? Ungenzele izinto okungafanele zenziwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 20:9
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UFaro wayesembiza u-Abrama, wathi: “Kuyini lokho okwenze kimi na? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na?


U-Abimeleki wathi ku-Abrahama: “Wabonani ukuba wenze lokhu na?”


U-Abimeleki wavuka ekuseni, wabiza izinceku zakhe zonke, wakhuluma onke lawa mazwi ezindlebeni zazo; amadoda esaba kakhulu.


U-Abimeleki wayesethi: “Kuyini okwenzile kithina na? Bekulula ukuba kufike omunye wabantu, alale nomkakho; ubususibangele icala.”


Kwathi ekuseni, bheka, kunguLeya; wayesethi kuLabani: “Kuyini lokhu okwenzile kimi na? Angikusebenzelanga ngoRaheli na? Ungikhohliseleni na?”


Amadodana kaJakobe abuya endle esezwile lokho; abantu badabuka, bathukuthela kakhulu, ngokuba ubenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe, okungenakwenziwa.


Kwathi emva kwezinyanga ezintathu uJuda watshelwa ukuthi: “UTamari umalokazana wakho ufebile; bheka, futhi ukhulelwe ngokufeba kwakhe.” UJuda wathi: “Mletheni, ashiswe.”


ayinkulu kunami kule ndlu; futhi ayingigodlelanga lutho ngaphandle kwakho kuphela, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?”


Intukuthelo kaDavide yavutha kakhulu ngalowo muntu, wathi kuNathani: “Kuphila kukaJehova, umuntu owenze lokho ufanele ukufa;


Yena wathi kuye: “Qha, mnewethu, ungangiphoqi, ngokuba akufanele ukuba kwenziwe kanjalo kwa-Israyeli; ungenzi lobu buwula.


UMose wathi ku-Aroni: “Benzeni kuwe laba bantu ukuba ubehlisele isono esingaka na?”


UJehova wayesebashaya-ke abantu, ngokuba benza ithole lelo alenzayo u-Aroni.


Odukisela abaqotho endleleni embi uyakuwela emgodini wakhe, kepha abapheleleyo bayakudla ifa lokuhle.


“ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye umuntu nophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi ziyakubulawa nokubulawa.


Ngokuba akukho ukukhetha umuntu kuNkulunkulu.


abamelwe ukuthuliswa, abachitha indlu iphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.


UJoshuwa wayesethi: “Usihlupheleni na? UJehova uzakukuhlupha namuhla.” Bonke abakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe; babashisa ngomlilo, babakhanda ngamatshe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka