Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 1:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 UNkulunkulu wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

26 UNkulunkulu wayesethi: “Masenze abantu babe ngumfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nomhlaba wonke, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 UNkulunkulu wathi: Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, phezu kwezinyoni zezulu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwazo zonke izilwane ezinwabuzelayo emhlabeni wonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 1:26
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye.”


UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu, waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube ngamagama azo.


UJehova uNkulunkulu wathi: “Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.”


Lokhu kuyincwadi yezizukulwane zika-Adamu. Msukwana uNkulunkulu edala umuntu wamenza ngomfanekiso kaNkulunkulu.


Ochitha igazi lomuntu, igazi lakhe liyakuchithwa ngabantu, ngokuba uNkulunkulu wamenza umuntu ngomfanekiso wakhe.


Kepha akakho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami, ozwakalisa amahubo ebusuku,


Ungayethemba, ngokuba amandla ayo makhulu, ushiye umshikashika wakho kuyo, na?


Ngokuba unesivumelwano namatshe asendle; izilo zasendle zihlalisana kahle nawe.


Yazini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye osenzileyo, akuthina, sibe ngabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.


U-Israyeli makathokoze ngowamEnzayo, abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo.


Bheka, lokhu kuphela ngikufumene ukuthi uNkulunkulu wamenza umuntu waba qotho, kepha bona bafunile amacebo amaningi.”


Siyakukwenzela izintambo zobuhlalu begolide, namaqhosha esiliva.


Ngokuba usho kanje uJehova, owalidala izulu, onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguJehova, akakho omunye.


Futhi ngezwa izwi leNkosi lithi: “Ngiyakuthuma bani, ngubani oyakusiyela na?” Ngase ngithi: “Bheka, nangu mina; ngithume mina.”


Kepha manje, Jehova, unguBaba; thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu, singumsebenzi wesandla sakho sonke.


Manje senginikele onke lawa mazwe esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, inceku yami; futhi ngiyakumnika izilwane zasendle ukuba zimkhonze.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


Kepha wabaphendula wathi: “UBaba usebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.”


Ngokuba uletha ezindlebeni zethu okuthile okungaziwayo; ngalokho sifuna ukwazi ukuthi lokhu kungaba yini.”


wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo,


Ngokuba nempela indoda ayifanele ukumboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu; kepha owesifazane uludumo lwendoda.


Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.


okukubona abangakholwa unkulunkulu waleli zwe uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.


nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.


yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke,


nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo,


Ngokuba yonke imvelo yezilwane, neyezinyoni, neyezikhasayo, neyeziselwandle iyathanjiswa, yebo, yathanjiswa ngemvelo yabantu;


Ngalo sibonga iNkosi uBaba, nangalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu;


Ngokuba bathathu abafakazayo,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka