Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 3:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngakho hamba, ngiyakukuthuma kuFaro ukuba ukhiphe eGibithe abantu bami, abantwana bakwa-Israyeli.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Ngakho-ke hamba, ngiyakuthuma kuFaro ukuba uyokhulula abantu bami eGibhithe, abantu bakwa-Israyeli.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Woza manje, ngizakuthuma kuFaro, ukhiphe eGibithe abantu bami, abantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 3:10
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi ku-Abrama: “Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane.


Kepha leso sizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina; ngasemuva iyakuphuma inempahla eningi.


Wathuma uMose inceku yakhe, u-Aroni abemkhethile.


Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.


Ukuhlala kwabantwana bakwa-Israyeli abakuhlalayo eGibithe kwakuyiminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu.


Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, kwathi ngalona lolo suku, amabandla onke kaJehova aphuma ezweni laseGibithe.


UMose wathi kuJehova: “Bheka, uthi kimi: ‘Khuphula laba bantu,’ kepha awungazisanga yena oyakumthuma nami. Nokho ushilo ukuthi: ‘Ngiyakwazi ngegama, ufumene umusa emehlweni ami.’


Ngalokho uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi, ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ubhekisise ukuthi lesi sizwe singabantu bakho.”


Yibo labo o-Aroni noMose uJehova athi kubo: “Khiphani ezweni laseGibithe abantwana bakwa-Israyeli ngamabandla abo.”


UJehova wakhuphula u-Israyeli eGibithe ngomprofethi, wagcinwa ngomprofethi.


Nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.


Ngikubonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza kalokhu, ngizakukuthumela eGibithe.’


Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane.


UNkulunkulu wakhuluma kanje, wathi: ‘Inzalo yakhe izakuba ngumfokazi ezweni lezizwe; bayakuyenza izigqila, bayiphathe kabi iminyaka engamakhulu amane.


Kepha leso sizwe abayakuba yizigqila kuso ngiyakusahlulela mina, washo uNkulunkulu, andukuba baphume, bangikhonze kule ndawo.’


UJehova wambheka, wathi: “Hamba ngalawa mandla akho, umsindise u-Israyeli esandleni sakwaMidiyani; angikuthumanga na?”


USamuweli wathi kubantu: “NguJehova, yena owabeka oMose no-Aroni nowakhuphula oyihlo ezweni laseGibithe.


“Lapho uJakobe esefikile eGibithe, oyihlo bakhala kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni abakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka