Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 2:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kwase kwehla indodakazi kaFaro ukuyogeza emfuleni; amantombazana ayo ahamba eceleni komfula; ibona ibhokisi emhlangeni yathuma intombazana ukulilanda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Kwase kwehla indodakazi kaFaro iyogeza emfuleni, abaphelezeli bayo bagudla osebeni lomfula; yayisibona ubhasikidi emhlangeni, yayisithumela umsizi wayo ukuyowulanda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Indodakazi kaFaro yehla ukuyogeza emfuleni; bheka, intombazane yayihamba eceleni komfula; lapho ebona umkhumbi phakathi kwezinhlaka, wathumela incekukazi yakhe ukuba iwulande.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 2:5
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni.


“Ngenxa yokubandezeka kwabahluphekileyo nangokububula kwabampofu ngizakuvuka kalokhu,” usho uJehova, “ngimbeke ekusindisweni akulangazelelayo.”


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.


UJehova uyinqaba yocindezelweyo, uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka.


Yalivula, yabona umntwana; bheka, kwakungumfana; wakhala. Yamhawukela, yathi: “Lona ungowabantwana bamaHeberu.”


Yana kuFaro kusasa ekuseni; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; yima ogwini lomfula ukumhlangabeza; induku eyaphenduka inyoka woyiphatha ngesandla sakho.


UJehova wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kusasa, ume phambi kukaFaro; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; thana kuye: ‘UJehova usho kanje, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze.


Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona.


UJehova wamisela inhlanzi enkulu ukuba imgwinye uJona; uJona wayesezibilinini zenhlanzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


UJehova wakhuluma kuyo inhlanzi, yamhlanzela uJona emhlabathini owomileyo.


eselahliwe, indodakazi kaFaro yamthola, yazondlela yena ukuba abe yindodana yayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka