Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 9:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngokuba ngangesaba intukuthelo nolaka uJehova anithukuthelela ngakho ukuba anibhubhise, kepha uJehova wangizwa nangaleso sikhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 Nakuba ngangilwesaba ulaka nentukuthelo uSimakade ayenithukuthelele ngakho ukuba anibhubhise, nokho uSimakade wangizwa futhi nangaleso sikhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngokuba ngesaba intukuthelo nokuvutha kolaka uJehova anithukuthelela ngakho ukuba anibhubhise. Kodwa uJehova wangizwa ngaleso sikhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 9:19
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Benza ithole eHorebe; bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo.


Wathi ubezakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela, ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.


UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela, wamlahla impela u-Israyeli.


OMose no-Aroni babe phakathi kwabapristi bakhe; uSamuweli wayephakathi kwabakhulekayo egameni lakhe. Bakhuleka kuJehova, yena waphendula.


UJehova wayesephenduka ebubini abethi uzakubenza kubantu bakhe.


UJehova wathi kuMose: “Ngiyakwenza nalokho okushiloyo, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami; ngiyakwazi ngegama.”


Wayesethi: “Bheka, ngiyenza isivumelwano; phambi kwabantu bonke bakho ngiyakuzenza izimangaliso ezingazange zenziwe emhlabeni wonke nakusiphi isizwe; bonke abantu okhona phakathi kwabo bayakuwubona umsebenzi kaJehova, ngokuba kuyesabeka lokhu engikwenza kuwe.


Abantu base bekhala kuMose; uMose wakhuleka kuJehova, umlilo wabohla.


“Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; uJehova wangilalela nangaleso sikhathi, akanibhubhisanga.


intukuthelo kaJehova inivuthele, avale izulu, ukuze kungabikho mvula, izwe lingabe lisathela izithelo zalo, niphele masinyane ezweni elihle uJehova aninika lona.


UJehova wathukuthelela kakhulu u-Aroni ukuba ambhubhise; ngamkhulekela u-Aroni ngaleso sikhathi.


NaseHorebe namthukuthelisa uJehova, uJehova wanithukuthelela ukuba anibhubhise.


yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: “Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela,”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka