Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 6:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 uJehova wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibithe, naphezu kukaFaro, naphezu kwayo yonke indlu yakhe phambi kwamehlo ethu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 USimakade wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibhithe, naphezu kukaFaro nendlu yakhe yonke phambi kwamehlo ethu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 UJehova wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezinzima eGibithe kuFaro nakuyo yonke indlu yakhe phambi kwamehlo ethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 6:22
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.


yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Uyakubuka nje ngamehlo akho, ubone ukuphindiselwa kwababi,


ukuze utshele indodana yakho ezindlebeni nendodana yendodana yakho lokho engikwenzele iGibithe, nezibonakaliso zami engizenzile phakathi kwabo, nize nazi ukuthi nginguJehova.”


Kodwa ngiyakwelula isandla sami, ngilishaye iGibithe ngezimangaliso engiyakuzenza phakathi kwalo, andukuba iniyeke.


UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke anenzela khona eGibithe emehlweni enu,


“Ngamyala uJoshuwa ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Amehlo akho abonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzile kulawo makhosi amabili: kanjalo uJehova uyakwenza kuyo yonke imibuso eniyidabulayo.


“Amehlo enu abonile okwenziwa nguJehova ngenxa kaBali Peyori ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wabachitha phakathi kwakho bonke abantu ababemlandela uBali Peyori.


UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uJehova uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?


uyakusho kuyo indodana yakho ukuthi: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibithe; uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla;


wasikhipha lapho ukuba asingenise ukusinika izwe alifungela obaba.


izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso, nesandla esinamandla, nengalo eyeluliweyo uJehova uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho; uyakwenza kanje uJehova uNkulunkulu wakho kuzo zonke izizwe ozesabayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka