Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 6:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Wokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova ukuba kube kuhle kuwe, ungene ulidle lelo zwe elihle uJehova alifungela oyihlo

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

18 Uyokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaSimakade, ukuze kube kuhle kuwe, ungene, ulidle lelo lizwe elihle uSimakade afunga kokhokho bakho

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Uyakwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova ukuba kukuhambele kahle, ungene ulidle izwe elihle uJehova alithembisa oyihlo ngesifungo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 6:18
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nenceku yakho iyayalwa ngayo; oyigcinayo uyakuba nomvuzo omkhulu.


wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”


Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakuba kuhle kuye, ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.


wathi: “Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.


“Kepha nithi: ‘Indodana ayithwali ngani ukona kukayise na?’ Indodana isikwenzile ukwahlulela nokulunga, yagcina zonke izimiso zami, yazenza, iyakuphila nokuphila.


“Kepha uma omubi ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ukwahlulela nokulunga, uyakuphila nokuphila; kayikufa.


Lapho omubi ephenduka ebubini bakhe abenzileyo, enze ukwahlulela nokulunga, uyakusindisa umphefumulo wakhe.


“Kepha uma umuntu olungileyo enza ukwahlulela nokulunga,


Lapho ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ yena abesephenduka kodwa esonweni sakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo,


Akayikukhunjulelwa nesisodwa sezono zakhe azenzileyo; wenzile okufaneleyo nokulungileyo; uyakuphila nokuphila.


Nalapho omubi ebuya ebubini bakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo, uyakuphila ngakho.


Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto; ngubani onomqondo, azazi, na? Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile; abalungileyo bayakuhamba ngazo, kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.


Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandeka kuye.”


ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.


Ungalidli ukuba kube kuhle nakubantwana bakho emva kwakho, lapho wenza okulungile emehlweni kaJehova.


Qaphela, uzwe onke lawa mazwi engikuyala ngawo ukuba kube kuhle kuwe nakubantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, lapho wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.


nxa ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, wenze okulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.


Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.”


Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


Niyakuhamba njalo endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile, kube kuhle kini, nandise izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.


“Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukukunika lona kanye nemizi emikhulu nemihle ongayakhanga,


ukuxosha zonke izitha zakho phambi kwakho, njengalokho ekhulumile uJehova.


Xwaya, funa ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho ngokungagcini imiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka