Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 30:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 engikuyala ngakho namuhla ukuba umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine imiyalo yakhe, izimiso zakhe, nezehlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uSimakade uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo, ukulidla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngokuba ngiyakuyala namuhla ukuba nithande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ezindleleni zakhe, nigcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze niphile, nande; uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa ezweni oya kulo ukulidla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 30:16
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USolomoni wamthanda uJehova, wahamba ngezimiso zikaDavide uyise; kepha wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.


Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,


Uma nivuma, nilalela, niyakudla okuhle kwezwe;


Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”


Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, kuphela ukugcina imiyalo kaNkulunkulu.


“Kepha uma inhliziyo yakho iphenduka ukuze ungezwa, kepha uyengwe, ukhuleke kwabanye onkulunkulu, ubakhonze,


“Ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho,


UJehova uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yenzalo yakho ukumthanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho ukuba uphile.


Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”


“Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


Niyakuhamba njalo endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile, kube kuhle kini, nandise izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.


wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.


Qaphelisisani ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka