Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 28:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “UJehova uyakukumisa ube yisizwe esingcwele kuye njengokufunga kwakhe kuwe, uma uyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 “USimakade uyakukumisa ube yisizwe esingcwele kuye njengoba afunga kuwe, uma ugcina imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho, uhamba ezindleleni zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UJehova uyakunenza nibe yisizwe esingcwele kuye, njengalokho akuthembisa ngesifungo, uma nigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nihamba ezindleleni zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 28:9
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe, nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo, sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu wakho nowenzalo yakho emva kwakho.


Kuyakuthiwa ngeSiyoni: “Yilo nalo wazalelwa khona; oPhezukonke uyaliqinisa.”


wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”


ngibuyisele abahluleli bakho njengakuqala, nabeluleki bakho njengasekuqaleni, andukuba ubizwe ngokuthi uMuzi Wokulunga, uMuzi Othembekileyo.”


Bayakubizwa ngokuthi abantu abangcwele, abahlengiweyo bakaJehova; wena uyakuthiwa Ofuniweyo, uMuzi Ongashiyiwe.


ukuba ngisiqinise isifungo engasifunga koyihlo ukubanika izwe elichichima ubisi nezinyosi’ – njenganamuhla.” Ngase ngiphendula ngithi: “Amen, Jehova.”


Akuyikunamathela lutho lokuqalekisiweyo esandleni sakho ukuba uJehova aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, akuphathe ngomusa, abe nesihe kuwe, akwandise, njengalokho afunga koyihlo,


Ngokuba uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho: uJehova uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe senzuzo yakhe phezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


kepha ngokuba uJehova enithanda nangokuba ebeyakugcina isifungo asifungela oyihlo uJehova unikhiphile ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yezigqila esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe.


Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka