Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 28:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 “Uyakuqalekiswa emzini, uqalekiswe nasensimini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 “Uyakuqalekiswa emzini, uqalekiswe nasensimini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 “Uyakuqalekiswa emzini, uqalekiswe nasensimini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 28:16
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Waqamba igama layo ngokuthi uNowa, ethi: “Lo uyakusiduduza emsebenzini wethu nasenkathazweni yezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uJehova.”


U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.”


Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili, ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.”


Wahamba wenza njengezwi likaJehova, ngokuba wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani.


“Banejubane ebusweni bamanzi; izabelo zabo ziqalekisiwe emhlabeni; abasayikuphendukela endleleni yezivini.


Isiqalekiso sikaJehova sisendlini yababi, kepha uyabusisa ikhaya labalungileyo.


Ngidumazile izikhulu zendlu engcwele, ngimenzile uJakobe abe yisiqalekiso, no-Israyeli abe yisithuko.


Uma ngiphumela endle, bheka, nampo ababuleweyo ngenkemba, nalapho ngingena emzini, bheka, nampo abaphethwe yindlala, ngokuba umprofethi nompristi bahamba izwe bengazi lutho.’ ”


ngiyakwenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiyakuwenza ube yisiqalekiso ezizweni zonke zomhlaba.’ ”


UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo, nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.


“Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwaba nekhaya lamakhanka, ngenze imizi yakwaJuda incithakalo, lapho kungahlali muntu khona.”


Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi! Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi. Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.


Isikhumba sethu siyasha njengeziko ngokushisa kwendlala.


Okushiywe yisibotho kudliwe yisikhonyane, nokushiywe yisikhonyane kudliwe yizinkumbi, nokushiywe yizinkumbi kudliwe yinkasa.


Phambi kwabo kuyadla umlilo, nasemva kwabo kushisa ilangabi; izwe liphambi kwabo njengensimu yase-Edene, nangasemva kwabo kuyihlane lencithakalo, akukho okubabalekelayo.


‘Ngiyakusiphumisa,’ usho uJehova Sebawoti, ‘singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami, sihlale phakathi kwendlu yakhe, siyiqede kanye nemithi yayo namatshe ayo.’ ”


Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.


Uyakuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise, funa ngifike, ngishaye izwe ngesiqalekiso.”


ukuba angabaniki inyama yabantwana bakhe abadlayo ngokuba engasalelwanga lutho olunye ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka