Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 19:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 niyakwenza kuye njengalokho ebecabange ukwenza kumfowabo; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 uyokwenza kuye lokho abehlose ukukwenza kumuntu wezwe lakubo; uyobususa kanjalo ububi phakathi kwenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Khona-ke kumelwe wenze kuye njengoba nje ebecabanga ukwenza kumfowabo; ngakho kufanele ususe ububi phakathi kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 19:19
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga akayikusinda.


Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga uyakubhubha.


Ngalokho usho kanje uJehova ngabaprofethi abaprofetha ngegama lami, ngingabathumanga, bathi: ‘Akuyikubakho inkemba nendlala kuleli zwe,’ uthi: Ngenkemba nangendlala bayakuphela laba baprofethi.


Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona nabantwana bawo, nawomkawo; izingonyama zatheleka phezu kwabo, zachoboza amathambo abo, bengakafinyeleli phansi emphandwini.


UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke ukuthi: “Ukuthula makwande kinina.


Lowo mprofethi noma lowo mphuphi wamaphupho wobulawa, ngokuba ukhulumile okunihlubukisa uJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe, wakuhlenga endlini yobugqila, ukuba akuphambukise endleleni uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ukuba uhambe ngayo. Uyakukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


“Uma umfowenu, indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho osesifubeni sakho, noma umngane wakho onjengomphefumulo wakho ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masiye ukukhonza abanye onkulunkulu ongabaziyo,’ wena nawoyihlo,


Isandla sawofakazi siyakuba ngesokuqala kuye ukumbulala, ngasemuva izandla zabantu bonke. Kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.


Abaseleyo bayakuzwa, besabe, bangabe besabenza ububi obunjalo phakathi kwakho.


bayakuyikhiphela intombi ngasemnyango wendlu kayise, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenzile ubuwula kwa-Israyeli, ifeba endlini kayise; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.


niyakubakhiphela bobabili ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga ingani isemzini, nendoda, ngokuba imonile umkamakhelwane wakhe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.


“Uma umuntu efunyanwa eba omunye wabafowabo babantwana bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lelo sela liyakufa, ukhiphe kanjalo ububi phakathi kwakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka