Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 12:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 kepha ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kukho konke obeka kukho isandla sakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

18 Khona niyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, endaweni ayoyikhetha uSimakade uNkulunkulu wenu. Kuleyo ndawo, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, nomLevi ohlala emzini wakho, niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu ngayo yonke imikhiqizo yenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kepha uyakukudlela phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi osemasangweni akho; uthokoze phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho ngakho konke obeka izandla zakho kukho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 12:18
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.


Kepha abalungileyo bayajabula; bayethaba phambi kukaNkulunkulu bethokoza nokuthokoza.


Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi; yonke imikhondo yakho ingukuthula.


Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona.


Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle futhi kumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe.


Ngalokho niyakukha amanzi ngokujabula emithonjeni yensindiso.


wabenyusela endlini, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.


Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo,


Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka,


kepha kuleyo ndawo uJehova ayakuyikhetha kwesinye sezizwe zakho, uyakunikela lapho ngeminikelo yakho yokushiswa, wenze khona konke engikuyala ngakho.


Xwaya ukuba ungameyisi umLevi isikhathi sonke sokuhlala kwakho ezweni lakho.


Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo, leyo ndlu yakhe niyakuyifuna, nize kuyo,


nidle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nename kukho konke enibeka kukho isandla senu, nina nabendlu yenu, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ngakho.


ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha yena ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kwamabele akho, nokwewayini lakho, nokwamafutha akho, nokwamazibulo ezinkomo zakho, nokwawezimvu zakho, ukuba ufunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakho njalo.


Uyakulidla phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho iminyaka ngeminyaka endaweni uJehova ayakuyikhetha, wena nabendlu yakho.


Kwathi ngosuku u-Elkana ahlaba ngalo, wanika uPhenina umkakhe nawo onke amadodana akhe namadodakazi akhe izabelo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka