Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 1:37 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 “Futhi uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wathi: ‘Nawe awuyikungena khona;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

37 “Nami uSimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, wathi: ‘Nawe awuyukungena kulo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

37 UJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wathi: ‘Nawe awuyikungena khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 1:37
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova wathi kuMose naku-Aroni: “Njengokuba anikholwanga yimi ukungingcwelisa emehlweni abantwana bakwa-Israyeli, ngalokho aniyikungenisa leli bandla ezweni engibanike lona.”


UJehova wathi kuMose: “Zithabathele uJoshuwa indodana kaNuni, umuntu onomoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,


Khuphukela esiqongweni sasePisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu, nangasempumalanga, ulibheke ngamehlo akho, ngokuba awuyikuliwela leli Jordani.


Kepha yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela phambi kwalaba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’


wathi kubo: “Ngineminyaka eyikhulu namashumi amabili namuhla; angisenamandla okuphuma nokungena; uJehova ushilo kimi ukuthi: ‘Awuyikuliwela leli Jordani.’


Uyakulibona izwe phambi kwakho, kepha awuyikungena khona, izwe engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli.”


UJehova wathi kuye: “Nanti izwe engalifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: ‘Ngiyakunika lona inzalo yakho.’ Ngikubonise lona ngamehlo akho, kepha awuyikuwela khona.”


“Futhi uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi angiyikuwela iJordani nokuthi angiyikungena kulelo zwe elihle uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho,


kepha ngimelwe ukufa mina kulelizwe, ngingaweli iJordani; kodwa nina niyakuwela, nilidle lelo zwe elihle.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka