Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 7:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Amamandragora* athaphuka iphunga, nangaseminyango yethu kukhona izinhlobo zonke zezithelo ezinqabileyo, ezintsha nezindala, engizibekele wena othandiweyo wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 Amamandragora athaphuka iphunga elimnandi, ngaseminyango yethu kukhona zonke izinhlobo zezithelo zekhethelo, ezintsha nezindala, engizibekele wena, othandiweyo wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Amamandragora anephunga elimnandi, ngasemasangweni ethu kukhona zonke izinhlobo zezithelo ezinhle, ezintsha nezindala, engizibekele wena, sithandwa sami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiHlabelelo seziHlabelelo 7:13
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngesikhathi sokuvuna ukolweni uRubeni waya wafumana amamandragora* endle, wawayisa kunina uLeya. URaheli wayesethi kuLeya: “Ake ungiphe amamandragora endodana yakho.”


Njengomapula* phakathi kwemithi yasehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


Amahlumela akho ayihlathi lamapomegranati* anezithelo ezinqabileyo, ihena* kanye nenadi,*


Vuka, moya wasenyakatho, uze wena Ningizimu, uphephethe ensimini yami, ukuze amakha ayo athaphuke; othandiweyo wami makangene ensimini yakhe, adle izithelo zayo ezinqabileyo.


Ngehlela ensimini yamantongomane ukuyobona uhlaza lwesigodi, nokubona uma imivini iqhakazile, namapomegranati* uma ekhahlele.


Sengathi nga unjengomfowethu owancela amabele kamame! Uma bengikufumana phandle, bengiyakukwanga ngingadelelwa muntu.


Intengo yalo nenzuzo yalo iyakuba ngcwele kuJehova; ayiyikunqwabelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyakuba ngeyabahlala phambi kukaJehova, ukuze badle basuthe, babe nezingubo ezinhle.


Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yilowo nalowo mbhali ofundiselwe umbuso wezulu ufana nomuntu, umnumzane, okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.”


“Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’


UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.


Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo.


kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”


ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni,


nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingaye uJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.


Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.


uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka